UMalusi Gigaba uzophonsa imibuzo kuNorma Mngoma phambi kwekhomishini kaZondo

Lungani Zungu

UMalusi Gigaba uzobuza imibuzo lowo owayengunkosikazi wakhe uNomachule “Norma” Mngoma ngoLwesithathu kwikhomishini yokulawulwa kombuso.

UMngoma wadalula izindaba ezishaqisayo kwikhomishini emasontweni ambalwa edlule futhi waveza ubudlelwano obusondelene bukaGigaba nomndeni wakwaGupta. Utshele iPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ukuthi uGigaba ubevame ukuqoqa izigaxa zemali kwabakwaGupta.

Lezi zithandani esezihlukanisile zizohlangana okokuqala kule khomishini.

Lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali ubekwiKhomishini ngoMsombuluko lapho avume khona ukuthi ubenobudlelwano obusondelene nabakwaGupta, kodwa waziphikisa izinsolo zokuthi babemnika imali noma benomthelela ezinqumweni zakhe zobungqongqoshe.

Ubalule uMngoma njengomqambimanga othanda imali nazo zonke izinto eziwubukhazikhazi.

UGigaba noMngoma, abashada ngowezi-2014, bake baba yizithandani ezihamba phambili kodwa ngemuva kweminyaka eyisithupha, ubudlelwano babo sebonakele. Ngesonto eledlule uGigaba waveza ukuthi uMngoma wakha itulo lokumbulala.

UZondo ubuze uGigaba ukuthi kungani athumele umeluleki wakhe oyisipesheli uSiyabonga Mahlangu ukuba ayohlangana nabakwaGupta ekhaya labo kunokuba abacele ukuthi beze ehhovisi lakhe. Uthe wayengeke alindele ukuthi umeluleki okhethekile wanoma yimuphi ungqongqoshe ahlangane nomndeni owawusolwa ngokwebela umbuso ekhaya labo.

UGigaba uthe uyakholelwa ukuthi wenza okungalungile.

“Uma ngibheka emuva, bekufanele ngabe ngenze kangcono,” esho.

Waziphikisa izinsolo zokuthi akanakanga ngesikhathi uMahlangu ehlukumeza abanye abaphathi bezinkampani zikahulumeni.

Namuhla ikhomishini izolalela ubufakazi bukaPaul Holden, umqondisi wezophenyo e-Shadow World of Investigations. Ubufakazi bakhe buzogxila ekuhambeni kwemali phakathi kwezinkampani nabantu abebela umbuso.

Phambilini uHolden watshela ikhomishini ukuthi imali esetshenziswe ezinkontilekeni ezingcoliswe ngokulawulwa kombuso yafika kwizigidigidi ezingama-R49.

Izihloko zakamuva