Umalume obegajwe amanzi amponjwana uzame ukumisa umshado kaMasechaba

Umshado womethuli wezinhlelo kumabonakude uMasechaba Ndlovu uphazanyiswe yilungu lomndeni ebeliphuzile ngemuva kokuthi ubambezelwe ukunqamula kukagesi.

Abashadikazi bathi umthandazo nothando kubasizile banqoba izinselele kusukela bahlangana ngo-2022.

Isihlobo ebesiphuze amanzi amponjwana sizame ukumisa umshado wesintu womethuli wezinhlelo uMasechaba Ndlovu nomdidiyeli womculo uNtethelelo Faku Mposwa eKrugersdorp ekuqaleni kwenyanga.

Ngemuva kokuthi ukunqanyulwa kukagesi kubambezele umcimbi, kungene umalume obephuzile efuna kumiswe umshado.

“Akekho obazi ukuthi ungubani,” kusho isivakashi etshela abeZiMoja. Kamuva kwavela ukuthi “ungumalume emndenini womkhwenyana.”
Lona ngumshado wesithathu kaNdlovu.

Ekhuluma ngokuhlangana noMposwa ngo-2022, uthe: “Simeme uNkulunkulu ebudlelwaneni bethu futhi ube yidwala lethu kusukela ngaleso sikhathi.

“Kuke kwaba nezinselelo endleleni, kodwa ngokukhuleka nokuthandana kakhulu, ukunikezana uthando nsuku zonke, sikwazile ukuya empini futhi sidonsana siphila.”

Abashadikazi abazange baphawule ngikwenzeke emshadweni wabo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Abasesithombeni esingenhla: UMasechaba Ndlovu noNtethelelo Faku Mposwa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva