Umalugaju uvuma awokubulala amayengandoda ayisithupha

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umbulali wamayengandoda eGoli uvumile ukuthi wabulala abesifazane abayisithupha ngokubaklinywa.

Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yase-Palmridge lapho okuqhubeka khona ukuqulwa kwecala lalo malugaju.

Icala elibhekene noSifiso Mkhwanazi (22) osolwa ngokubulala amayengandoda enkabeni yeGoli, lihlehliselwe uMsombuluko mhla zinhlanu kuNhlolanja.

UMkhwanazi ubhekene namacala angu-22 okubalwa kuwo elokubulala, elokudlwengula kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Icala libe selibekelwa ukuthi umbuso nomsolwa bangene ezingxoxweni ze-Plea and Sentence Agreement. U-Adv Leswikane Mashabela utshele inkantolo ukuthi izingxoxo aziphumelelanga nokuthi umbuso usukulungele ukuqhubeka nokuqulwa kwecala.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni uPhindi Mjonondwane uthe uMkhwanazi ubhekene namacala ayisithupha okubulala, ayisikhombisa okudlwengula, ayisithupha okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukugebenga esebenzisa isihluku kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Amacala asukela ekutholakaleni kwezidumbu eziyisithupha zabesifazane emagcekeni ebhizinisi lokukhanda izimoto edolobheni laseGoli ngoMfumfu ngo-2022.

“Omunye wabanakekeli wathola isidumbu sowesifazane kwelinye lamahhovisi angasetshenzisiwe endaweni wabe esebikela umnikazi wendawo. Umnikazi webhizinisi onguyise wommangalelwa wabikela amaphoyisa,” esho.

Ngemuva kophenyo lwamaphoyisa akwa-SAPS, kwatholwa ezinye izidumbu ezinhlanu ezindaweni ezahlukene ngaphakathi kwezakhiwo. Olunye uphenyo luholele ekuboshweni kukaMkhwanazi. Umbuso usola ukuthi uMkhwanazi wadlwengula wabulala amayengandoda ayisithupha ayewathatha enkabeni yeGoli phakathi kukaMbasa noMfumfu ngo-2022.

I-Scrolla.Africa sashicilela le ndaba ngoMfumfu ngo-2021.

UMjonondwane uthe uMkhwanazi uvumile ukuthi wabulala abesifazane ngokubaklinya, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokufihla izidumbu zabo ezindaweni ezahlukene emagcekeni ebhizinisi lokukhanda izimoto.

“Uphinde wavuma amacala okugebenga esebenzisa isihluku ngokuthi waphuca umufi umakhalekhukhwini waphinde wathatha isibhamu sikayise nezinhlamvu ngokungekho emthethweni.

“Kodwa-ke, uMkhwanazi ukuphikile ukuthi wadlwengula abesifazane wathi benza ucansi bevumelene ngesivumelwano semali. Uphikile ukuthi wahlela ukubulala laba besifazane wathi amacala enziwa ngoba abesifazane bashaya phansi ngonyawo esivumelwaneni sabo sokukhokhelwa ngemuva kokwenza ucansi sebefuna enye imali,” esho.

UMjonondwane uthe uMkhwanazi udalule ukuthi izenzo zabo zavusa intukuthelo njengoba phambilini achitha izinyanga eziyishumi ejele ngemuva kokuba omunye oyiyengandoda amsole ngokudlwengula kodwa wabuye wahoxisa izinsolo ezingamanga.

Umbuso uzobiza ufakazi wawo wokuqala uma ukuqulwa kwecala sekuqhubeka futhi.

Izihloko zakamuva