Umalokazana kaBiden uvela eGoli

UHunter Biden, indodana kaMengameli okhethiwe waseMelika uJoe Biden, ushade nowaseNingizimu Afrika, uMelissa Cohen.

UMelissa wafunda esikoleni i-King David e-Victory Park, eGoli.

Imibiko yabezindaba eMelika naseBrithani ithi uqhubeke waba ngumenzi wamafilimu.

Ngokwemibiko yabezindaba wahlangana noHunter Biden kowezi-2019 base beshada kungekudala e-Los Angeles.

“Ngathandana naye ngaso leso sikhathi,” kusho uBiden etshela i-ABC News. “Futhi-ke ngimthanda kakhulu nsuku zonke.”

Lezi zithandani zenze ama-tattoo afanayo wegama elithi “Shalom,” noma “ukuthula,” e-Heberu, kuma-biceps abo.

UHunter Biden, indodana yesibili futhi osekunguyena kuphela indodana kaJoe Biden edla anhlamvana, ubengaphansi komkhankaso omkhulu wokugconwa nguMengameli uDonald Trump weqembu le-Republican ngesikhathi somkhankaso wokhetho.

UHunter ulwe nokulutha kwezidakamizwa nomshado ongaphumelelanga.

UJoe Biden kubikwa ukuthi watshela uMelissa ukuthi: “Ngiyabonga ngokunika indodana yami isibindi sokuthanda futhi.”

Enye indodana kaBiden uBeau washona ngenxa yomdlavuza wobuchopho eminyakeni emine eyedlule kanti unkosikazi wakhe wokuqala nendodakazi yakhe endala bashona engozini yemoto eminyakeni yezi-1970.

Isithombe: i-NY post