Umaligaju uhlasela abaqwayizi

Lungani Zungu

Kutholakale isidumbu sesine sesonakele futhi sicwiyiwe endaweni eseduzane nase-Manor Gardens, eMgungundlovu, okuyindawo edume ngezidakamizwa nabadayisa ngomzimba.

Isidumbu sesisulu sokuqala satholakala ngoZibandlela.

Kulaba abane abashonile, oyedwa bekungowesilisa okukholakala ukuthi ubulewe ngemuva kokuchitha isikhathi nomqwayizi.

Isidumbu sesisulu sesine, esowesifazane obegqoke into emfushane, esitholwe sigwaziwe ngoLwesibili eduze kwebhuloho i-Manor.

UHazel, osesebenze njengomqwayizi eMgungundlovu iminyaka eyishumi edlule, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebeya emsebenzini manje bengazi noma bazobuya bephila yini.

“Ngangiwazi amantombazane amabili abulawa kodwa hhayi imindeni yawo,” esho.

“Besizwa ngezehlakalo ezifana nalezi, kodwa lokhu akukaze kwenzeke lapha. Kukhona umaligaju. Futhi akungabazeki lokho.”

Umthombo wamaphoyisa, ongavunyelwe ukukhuluma nabezindaba, uthe konke ukushona kwalaba bantu, kukhomba ukuthi kubulawa abesifazane nabesilisa abaxhumana nabadayisa ngomzimba endaweni.

Omunye ongumqwayizi uthe ngamaphoyisa kuphela azokwazi ukuthi laba besifazane babulawa kanjani.

“Kuyacaca ukuthi kunomuntu ozimisele ukusiqeda,” kusho yena.

Ikhansela le-DA ewadini uSuraya Reddy utshele iScrolla.Africa ukuthi konke lokhu kufa kubukeka kuhlobene. Uthe usebambe uchungechunge lwemihlangano namaphoyisa nezithangami zamaphoyisa ngenhloso yokunqanda ukubulawa kwalaba bantu.

Okhulumela i-SAPS esifundazweni uKaputeni uNqobile Gwala ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sowesifazane ngoLwesibili.

“Kuphenywa icala lokubulala ngamaphoyisa aseMgungundlovu ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ebesibolile ehlathini eliminyene. Ukuhlolwa kwesidumbu yikhona okuzocacisa ngembangela yokufa kwakhe.”

Izihloko zakamuva