Umaligaju owayeheha abesifazane ebathembisa umsebenzi uwavumile amacala okubulala.

Moyahabo Mabeba

UTemba Dube, owesilisa ozivumele yena ngokuthumba nokubulala abantu besifazane e-Limpopo, wasebenzisa ithuba lezisulu zakhe zokuphelelwa umsebenzi.

Yize engabuzwanga ukuthi uyaliphika yini icala ngesikhathi evela enkantolo yemantshi yase-Seshego ngoMsombuluko, uDube oneminyaka engama-36 usezivumele yena icala lokuthumba nokubulala abesifazane abayisikhombisa uSarah Mothiba, u-Eva Makhura, uMpho Senyatsi, u-Andrea Cholo, uJane Letsoalo uMoleboheng Mothibeli, wase-Lesotho kanye nozakwabo wase-Zimbabwe uChisimango Gumbo. Laba besifazane bebeneminyaka ephakathi kwengama-35 kuyela kwengama-48.

Wasebenzisa indlela efanayo yokuyenga izisulu zakhe ngokuzithembisa imisebenzi endaweni yokudayisa izinkukhu ezithosiwe ngaphandle kwase-Polokwane.

Laba besifazane, beswele umsebenzi babekholelwa ukuthi lesi sikhulumi esibushelelezi sizoshintsha izimpilo zabo zibe ngcono.

Omunye wesilisa onomawakhe kulaba besifazane abalahlekile, uthe unina ubekuthola kunzima ukukhulisa yena nezingane zakubo ezimbili.

“Besiphila ngemali yesondlo sezingane ngesikhathi kufika lo mlisa emzini wethu wathembisa umama umsebenzi,” kuchaza lo wesilisa.

Wathi unina wamkholwa.

“Kodwa iphupho lakhe lashabalaliswa yindoda embi eyasizakala ngesimo sakhe.”

Umyeni kaSarah Mothiba uchaze uDube njengendoda engenazwelo, futhi enomhobholo.

“Ngemuva kokuthumba umkami wafuna imali yokufumbathiswa. Samnika izi-1,000 zamarandi, kodwa wakwazi ukukhipha imali kaSarah ku-ATM. Manje njengoba esetshele inkantolo ukuthi ufuna ukukhuluma iqiniso kumele asitshele nembangela yalezi zenzo zobulwane,” kusho umyeni.

UTanaka Chigohuti, umzala kaChisimango Gumbo, uthe abaqhamuka e-Zimbabwe sebebizwa ngamagama ahlukahlukene ngenxa kaTemba.

“Abantu balapha sebesibona njengababulali abangenanhliziyo. Ngisho nomndeni wesisulu, manje ungikhipha inyumbazane ngenxa yobugebengu obenziwa ngumuntu wakithi,” kusho uTanaka.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier uMotlafela Mojapelo, uthe baphenya amacala ayishumi okuthumba nelokubulala.

Sekutholwe izidumbu eziyisikhombisa esezibolile zilahlwe ezindaweni ezahlukene ngase-Polokwane.

Uphenyo lwe-Forensics lusazohlonza ukuthi ngobani laba abashonile.

Izihloko zakamuva