UMalema uthi akangahlehli uMkhwanazi kodwa akagibele phezukwazo isigebengu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMholi we-EFF uMnuz Julius Malema uhlabe ikhwelo kuMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi wathi phezukwabo ekulweni nezigebengu.

UMalema ukusho lokhu ngoMsombuluko eMlazi, eKing Zwelithini stadium ekhuluma emgubhweni wokukhumbula intsha ka-1976 eyabulawa eSoweto ilwa nokufundwa kwesiBhunu ezikoleni.

“Siyamthanda uMkhwnazi futhi sithi akangahlehli kodwa sithi phezukwabo Mkhwanazi. Sifuna aqhubeke nokwenza iKZN isilfundazwe esingcono ngoba uKhongolose usibulele,,” usho kanje.

Eqhuba uthe bafuna kuliwe namaphoyisa akhohlakele atshontsha namadokodo bese kunyamalala amacala.

Ukhale nangoPhiko lwezokushushisa kuleli wathi seluphenduke inja enganamazinyo ngendlela oluhlulwa amacala ngakhona.
Uthe sebehlulwa ngisho amacala angathi shu ngendlela engaqondakali.

“Sithi iNhloko yezokushushisa awukho umsebenzi wayo kodwa isehluleki ngakho akesule esikhundleni. Sebehlulwa ngisho icala lika-Omotoso ? Hhawu ayikho lento akahambe lo muntu noma uMengameli Cyril Ramaphosa amxoshe,” kukhalaza uMalema.

Lo mholi uqede impelasonto eKZN okuyilapho ehambele khona izindawo ezahlukene okubalwa nebandla lakwaShembe kwaNongona ngenhloso yokuyokhulekela ukuba iqembu lakhe libuyelwe ukwesekwa eKZN.
I-EFF ibhekene nenkinga yokuhlulwa kuzona zonke izinketho kusuka nolukazwelonke olubenze balahlekelwa izihlalo eziyisikhombisa eSishayamthetho saseKZN basala nezimbili kuphela.

Izinketho zokuchibiyela sebezizwa nendaba njengoba bengasatholi ngisho ivoti lokuthola iwadi.

Izihloko zakamuva