UMalema usiza umndeni kaMthokozisi Ntumba ukuba amangalele umbuso

Everson Luhanga

Everson Luhanga

Umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uqinisekise umfelokazi kaMthokozisi Ntumba ukuthi iqembu lakhe lizoqasha ithimba labameli elizomsiza ukuthi amangalele umbuso.

UNtumba wadutshulwa wabulawa ngamaphoyisa e-Braamfontein, eGoli ngoLwesithathu mhla ziyi-10 kuNdasa.

Ividiyo ecacile ikhombisa amaphoyisa ephuma ku-Inyala edubula uNtumba obesanda kuphuma emtholampilo wendawo.

UMalema obehamba nonobhala-jikelele wakhe uMarshall Dlamini kanye nokhulumela izwe uVuyani Pambo bathe iqembu lizosiza nomndeni ukuthi ungcwabe uNtumba.

“Sizoqinisekisa ukuthi ukuhlolwa kwesidumbu kwenziwa ngendlela futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi uhulumeni uyakukhokhela ukubulala kwabo okungenangqondo.

“Angashona njengenja emigwaqweni, kodwa sizomnika umngcwabo onesizotha.”

UJuju njengoba edume kanjalo ukhwele wadilika kungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ethi umnyango wakhe uvikela abamhlophe futhi ubulala abantu abamnyama.

“Ungungqongqoshe uMnyango wakhe owabulala uMthokozisi noMengameli owamqoka wabulala abantu e-Marikana.

“Ungungqongqoshe ongenamakhono futhi ongazi nokuthi ngubani inhloko ye-crime intelligence emnyangweni wakhe. Ngokushona kukaMthokokozisi, kumele uCele axoshwe,” kusho uJuju.

UJuju ubuze ukuthi kungani kungekho maphoyisa aboshiwe njengoba lesi sigameko senzeke mhla ziyi-10 kuNdasa.

UMalema uthe i-EFF izofaka isicelo enkantolo yoMthethosisekelo yokuphoqa amaphoyisa ukuthi asebenzise ezinye izindlela zokulawula isixuku esikhundleni sezibhamu.

“Amaphoyisa omphakathi akumele afake izibhamu. Izinhlamvu zenjoloba noma cha, kufanele kube nendlela yokulawula umphakathi,” kusho uMalema.

Okhulumela umndeni utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi uMthokozisi ubephilile futhi ubeyoyohlolwa udokotela ngokujwayelekile ngesikhathi edutshulwa.

Akukacaci kuze kube manje ukuthi amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba noma izinhlamvu zangempela.

Umthombo wesithombe: @EFFSOUTHAFRICA

Izihloko zakamuva