Everson Luhanga
UJulius Malema ukhwele wadilika ku-Advocate Malesela Teffo omele abasolwa abane kwabahlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, embiza ngomuntu odelelayo.
“Ngicabanga ukuthi ukhuluma engacabangile,” kusho uMalema.
Uqhube wathi: “Nginezinkukhu lapho engihlala khona e-Polokwane. Kodwa ngisho noma abantu bengantshontsha lezo zinkukhu, ngeke ngimbize u-Advocate Teffo ukuthi azongimela enkantolo yomthetho.”
Umholi we-EFF ubekhuluma esithangamini sabezindaba ebesikomkhulu leqembu eGoli ngoLwesine.
UMalema uthe uyazwelana noSenzo Meyiwa kodwa hhayi odabeni lukaTeffo. “Usevele wenza leli cala laba ngaye. Yingakho sihlezi lapha sibuzwa ngo-Adv Teffo hhayi ukuthi sijabule yini noma cha ngecala eliqhubekayo.”
Uthe uTeffo akanalo nhlobo ikhono futhi akawuhloniphi umsebenzi wakhe. “Uma kuwukuthi usebenza ngaphansi kwenkampani ethile, kumele imthathele izinyathelo.
Uthe uTeffo ubukela wonke umuntu phansi ngokukhuluma amagama anenhlamba ngaphakathi enkantolo. “Awukwazi ukusebenzisa amagama anjalo enkantolo yomthetho.
“Ungalidelela ijaji kodwa uma selihlezi esihlalweni salo yilona elishaya umthetho enkantolo. UTeffo akakufanele ukubizwa ngommeli.” Abantu bangathukuthela ezimweni ezithile, kodwa izinkantolo kufanele zihlonishwe futhi zivikelwe.
Ekhuluma ngoTeffo othi uMengameli uCyril Ramaphosa uyathinteka ecaleni likaSenzo, uMalema uthe ummeli ukhuluma ngamagama abantu nje kodwa futhi akazisekeli izimangalo zakhe. URamaphosa akahlangene necala likaSenzo Meyiwa.
Uthe uTeffo akekho sesimweni esikahle futhi akaziphethe ngendlela.
Ekhuluma ngodaba lukaSenzo Meyiwa uqobo, uMalema uthe abantu ababesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa bayazi ukuthi ngubani owambulala. “Ngokwami, nginesiqiniseko sokuthi uKelly Khumalo kukhona akwaziyo.
“UKelly Khumalo kumele asolwe. Kodwa kumele kwenziwe ngendlela ehlelekile ukuze imiphumela yakhona ingangabazeki.”