UMalema uhlakaze ubuholi beqembu lakhe e-Limpopo

Moyahabo Mabeba

Sekuqubuke ukungaboningasolinye  kwi-Economic Freedom Fighters (EFF) e-Limpopo kulandela ukuhlakazwa kwethimba le-Provincial Command Team (i-PCT) ebeliholwa nguSihlalo uJossie Buthane.

I-Scrolla.Africa silunywe indlebe ukuthi umholi weqembu, uJulius Malema uhlakaze uhlaka lwase-Limpopo ngemuva kokuthi leli qembu e-EFF lenze kabi ngokhetho lohulumeni basekhaya nyakenye.

Kuyaqondakala ukuthi uMalema ukhathazeke kakhulu ngokungenzi kahle kwe-EFF kuMasipala wase-Thulamela, lapho i-ANC ewine khona okhethweni lomasipala ngo-85%.

Kodwa-ke abaholi abaningi bamagatsha esifundazweni bathe isinqumo sokuhlakazwa kwe-PCT senziwe ngesikhathi esingafanele futhi sizoba nemiphumela engemihle.

UMnu Sydney Babeile, ongumholi wegatsha kwisigceme sese-13 kumasipala wase-Makhuduthamaga, e-Sekhukhune, uthe bese bukhona ubudlelwano obungebuhle phakathi kwe-EFF noButhane ngaphambi kokhetho.

“UButhane ubevele engumuntu ongathandwa emagatsheni amaningi e-Limpopo. Wasiphoqa ngamakhansela ebesingawathandi futhi lokho kwaphatha amalungu eqembu kabi,” kusho uBabeile.

UBabeile uthe kusukela phezulu kuye phansi, iqembu beselidiniwe uButhane.

“Akagcinanga ngokuthukuthelisa amalungu aphansi, kodwa ucasule naphezulu. Izinqumo zakhe ezingathandeki zimbeke endaweni eyingozi”.

UMamphotha Masiela, ongunobhala wegatsha kwisigceme sesikhombisa e-Molemole e-Capricorn, uthe ukuhlakazwa kuzophazamisa amalungiselelo engqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe.

“Kodwa njengamanje akusona isikhathi esihle ukuhlakaza izinhlaka. Lokhu kusho ukuthi kufanele siqale ngemihlangano emikhulu yamagatsha neyezifunda ngaphambi kokuthi siye engqungqutheleni yesifundazwe lapho esizokhetha khona i-PCT,” esho.

UMashudu Ramunenyiwa wesigceme sesi-12 e-Thulamela esifundeni sase-Vhembe uthe ukuhlakazwa kwendlu bekuyisinqumo esinzima kodwa besidingeka.

“I-EFF ifa kancane kancane kulesi sifunda futhi kukhona okumele kwenziwe ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ukuze kuvuselelwe iqembu futhi libuyiselwe esimeni salo sakudala,” uqhube kanje.

Ngo-2016, uMalema wathatha isinqumo sokuhlakaza izinhlaka zeqembu esifundazweni nakwizifunda KwaZulu-Natali nase-Eastern Cape.

Ngaleso sikhathi uMalema wathi inhloso kwakuwukwakha kabusha i-EFF kulezo zifundazwe.

Izihloko zakamuva