UMalema ugxeka uCele uthi akasoze anqoba ubugebengu esangunontandakubukwa 

Lubhalwe nguMlungisi Gumede noCelani Sikhakhane

UMholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthi abantu bakuleli abakhohlwe ukuthi uMnuz Bheki Cele angalwa nobugebengu ngoba akazi lutho kodwa ungunontandakubukwa.

UMalema ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma embuthanweni wokwethula usomqulu wezethembiso zokhetho weqembu eMabhida eThekwini ngoMgqibelo. 

Uthe asikho isigebengu esingabanjwa uCele ekubeni ezenza unontandakubukwa wamafilimu.

“Khohlwani uma nisathi kukhona ubugebengu eniyobunqoba uma uNgqongqoshe wamaPhoyisa kusenguCele. Loya muntu uyakuthanda ukubukwa. Uzibona edlala kumafilimu esikhundleni sokulwa nobugebengu,” kusho uMalema.

Uthe ukulwa nobugebengu kuseqhulwini kubo uma bethatha uHulumeni ngemuva kokhetho lwakulo nyaka.

UMalema uthe uma bethatha izintambo zombuso bazowakhomba indlela amaphoyisa ayizidudla ngoba awazukukwazi ukujaha izigebengu.

“Uma iphoyisa lihluleka ukugcina umzimba elaphuma nawo esikhungweni sokuqeqeshwa bese liyakhuluphala liphume umkhaba, siyalixosha,” kusho uMalema.

Uqhube wathi inkinga ekhona amaphoyisa namasosha bakhuluphele ngalendlela yokuthi abanye abakwazi nokuhamba.

Uthe yikho lokhu izigebengu zizenzela ngoba ziyabona ukuthi awukho umsebenzi wamaphoyisa kodwa asindwa imizimba.

Uphinde wadonsa izigebengu ngendlebe wathi uma zibulala amaphoyisa sekuphethe uhulumeni we-EFF, ziyoyikhotha imbenge yomile.

Uthe umuntu obulala iphoyisa sekuphethe i-EFF uyogwetshwa iminyaka engu-25 kuyaphezulu ebhadla ejele.

Izihloko zakamuva