
Celani Sikhakhane
Yize izikhukhula KwaZulu-Natal zihlasele ezindaweni zomtakabani nemijondolo, umholi we-EFF uJulius Malema ngoLwesine uthe abasemalokishini nalapho okwakhiwe imijondolo bahlaselwe inhlekelele yezikhukhula ngenxa yokuthi abanawo umhlaba.
Lo mholi we-EFF ubekhuluma kuwadi-25 kwa-Msuthu eThekwini lapho evakashele khona izisulu ezikhahlanyezwe izikhukhula wanikela ngamaphasela okudla emindenini engu-500.
Utshele izinkumbi zabantu ukuthi ukube abantu banikezwe umhlaba ofanele ngabe ababhekananga nale nkinga.
Futhi uxwayise ngokuthi uma izisulu zezikhukhula zibuyiselwa ezindaweni zenhlekelele zizobhekana nobungozi obufanayo esikhathini esizayo.
“Lolu daba lubucayi futhi luveza obala uhulumeni wethu ukuthi ukube ubelalela abantu bakithi ngodaba lomhlaba ngabe awubanga ngaka umonakalo,” kusho uMalema. Sifakela uMasipala inselela ukuthi unikeze abantu umhlaba ngoba uma bebuyela ezindaweni zabo basengozini yokuphinde babhekane nenhlekelele efanayo.”
Izikhukhula zase-KZN ezicekele phansi izingxenye eziningi zesifundazwe zenze abantu basemijondolo, emalokishini nasezindaweni ezibiza kakhulu balahlekelwa amakhaya abo. Abaningi balahlekelwa ukuphila kwabo.
Izindlu eziningi zaguguleka nemigwaqo yonakala ngokuphelele.
Ingqalasizinda izofuna izigidigidi zamarandi uma sekulungiswa.
Kulimale umgwaqo onguthelawayeka u-N2 eningizimu phakathi kwe-Port Shepstone neTheku kanti izimoto zihanjiswa emigwaqeni emincane yaseMgababa lapho imiphakathi isabisa ngokuyivala ikhala ngokungabibikho kwamanzi.
E-Georgedale ngase-Hammarsdale izindlu zigqibeke ngaphansi kwamanzi kanti amalungu omndeni asathungatha amalungu awo asadukile.
Lo mnikelo we-EFF uqhamuke ngemuva kokuthi uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa enikele ngamaphasela okudla nesamba sika-R250 000.
Umholi we-DA uMnu uJohn Steenhuisen uvakashele imindeni elahlekelwe izihlobo wanikela ngamanzi njengoba abantu abaningi bengenawo.