UMalema uchaza ‘ngokuntuleka kobufakazi’ be-AfriForum ecaleni lesibhamu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthi icala abhekene nalo lokudubula phambi kwabantu liwumkhankaso we-AfriForum wokumehlisa isithunzi.

UMalema nonogada wakhe u-Adriaan Snyman babhekene necala eNkantolo yeMantshi yase-East London ngamacala okudubula phambi kwabantu. 

USnyman usolwa ngokumnikeza isibhamu esasetshenziswa emgubhweni – kanti uMalema uzivikela ngokuthi besiyithoyizi.

UMalema usamile kwelokuthi ukushushiswa kwakhe kuwumkhankaso wokumnyundela we-AfriForum, okuyinhlangano ezimele egxile kakhulu ekuvikeleni izinzuzo zamaBhunu.

“Lona ngiyaphinda, bekuwumkhankaso we-AfriForum. Silapha esikhona ngoba i-National Prosecuting Authority ngaphandle kobufakazi obuphathekayo, inqotshwe ingcindezi ye-AfriForum,” etshela inkantolo.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, uMalema uphinde waveza imizwa yakhe.

“I-AfriForum isatshiswa yinoma ngubani olwela abantu base-Afrika. Uma usukhuthaze umzabalazo wokuthi abantu base-Afrika balingane nomlungu, uphenduka isitha se-AfriForum.

“Yingakho ngaso sonke isikhathi uma bethola ithuba lokudicilela phansi isithunzi sobuholi be-EFF, benza lokho noma bengenabo ubufakazi,” kusho uMalema.

UMalema uthe umbuso awunabo ubufakazi mayelana naye.

“Bekumele umshushisi kahulumeni ahoxe kuleli cala ukube ubenenhloso,” esho.

UMalema utshele inkantolo ukuthi isibhamu okudutshulwe ngaso akasinikwanga unogada wakhe okunguye asolwa naye kuleli cala, wathi okunalokho uLarry Mabunda owamnika isibhamu.

“Ngendlela ephoxayo, ubona umshushisi ezama ukubeka u-Adriaan ongumlungu endaweni yesigameko kodwa wehluleka ukukwenza lokho,” kusho uMalema.

“Njengoba singena [buka], yimina, uLarry uyangilandela. Uma ngimatasa ngidubula lapho, uLarry Mabunda uyasondela. Uma sengizojika manje sengizomnika isibhamu, yilapho okufike khona umlungu.

“Futhi umshushisi uthi, cha, ngaleso sikhathi umlungu uSnyman wadlula uLarry, ngase ngithi kuye, ‘Dlala futhi, umise ividiyo lapho umlungu evela khona’. Akakwazanga ukukwenza lokho.

“Akakwazanga ukubeka umlungu endaweni yesigameko.”

UMalema uphothule ubufakazi bakhe ngoLwesine. Uthe uSnyman uqoke ukuthi angabe esangena ebhokisini lofakazi ngoba nofakazi baphambilini babengamhlanganisi nalesi sigameko.

Icala lihlehlisiwe ukuze izinhlangothi ezithintekayo zithumele izimpikiswano ezibhalwe phansi ngaphambi kokuvela enkantolo ngokulandelayo, ngosuku olusazomenyezelwa.

Esithombeni esingenhla: Umholi we-EFF uJulius Malema ekhuluma eNkantolo yeMantshi yase-East London ngoLwesine.

Umthombo wesithombe: EFF/X

Izihloko zakamuva