Lubhalwe nguZukile Majova
Abaholi be-EFF uJulius Malema noDkt Mbuyiseni Ndlozi kubukeka sebekulungisile ukungaboni ngaso linye kwabo njengoba besekunemibiko ethi uNdlozi usezofudukela eqenjini loMkhonto weSizwe.
UMalema ubhebhethekise ezokuthi uNdlozi nguyena ozolandela ngemuva kokuthi lowo owayeyiPhini likaMengameli we-EFF uFloyd Shivambu eshiye iqembu.
Izinsolo ziqubuke ngesikhathi unkosikazi kaNdlozi uMmabatho Montsho “ethande” umbhalo kaShivambu ku-Twitter ngokushiya i-EFF.
UMalema uthe lesi sigameko kanye nokwehluleka kukaNdlozi ukuvikela i-EFF esidlangalaleni kukhomba ukuthi inhliziyo kaNdlozi ayisekho eqenjini.
UNdlozi akakaphenduli kulezi zinsolo ezingenasisekelo zikaMalema futhi usaqhubeka nokubamba iqhaza ezinhlelweni ze-EFF.
NgoLwesithathu ufake isithombe sakhe esisha edlubhe izembatho ze-EFF njengoba kunencwadi yomgunyathi yokwesula kwakhe eqenjini esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Kuthe ngezikhathi zantambama, uNdlozi waphelezela uMalema baya kubo kaNgqongqoshe wezeziMali e-Gauteng, uLebogang Maile, ukuyobhonga emswaneni. Umndeni wakwaMaile uzilele ukudlula emhlabeni kwendodana kaNgqongqoshe.
UNdlozi noMalema bachithe ingxenye enkulu yangoLwesithathu ntambama ndawonye futhi ngokuhamba kwesikhathi babelana ngezithombe obekubonakala kuwubudlelwano bezilamani.
Idumela likaNdlozi ku-EFF libukeka likubeka engcupheni enkulu ukuqhoqhobala emandleni kukaMalema, njengoba kunamaqembu angaphakathi ehlukene eqoka uNdlozi kwesokuba ngumengameli noma iphini likamengameli.
UMalema, oseneminyaka engu-11 engumengameli weqembu, ufuna ihlandla lesithathu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ehleka noDkt Mbuyiseni Ndlozi emzini kaLebohang Maile eGoli.
Umthombo: Economic Freedom Fighters