UMalema ezingxoxweni ezethembisayo noMagashule

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Intaka yakha ngoboya benye, isaga esisho ukuthi inyoni ehlakaniphile ingakha isidleke sonke isebenzisa amaqubu ezinye izinyoni.

Lokhu kubaluleke kakhulu odabeni lomholi we-EFF uJulius Malema oqinisekise ngokungenamahloni izinhlelo zokuheha abaholi abangeneme bamaqembu ahlukene ezepolitiki ukuthi bajoyine iqembu lakhe.

UMalema uthe i-EFF isinesikhathi eside ixoxisana no-Ace Magashule wathi  “zithuthukile izingxoxo” zokuthi ajoyine i-EFF.

Lowo owayenguNobhalaJikelele we-ANC usanda kuxoshwa ku-ANC ngokuzama ukumisa uMengameli uCyril Ramaphosa emsebenzini ngaphandle kwegunya lekomiti lesigingu esiphezulu seqembu.

NjengoMagashule, uMalema waxoshwa ku-ANC ngemuva kokutholwa enecala lokungaziphathi kahle ikomiti lesigingu esiphezulu seqembu nokuyinto eyaholela ekutheni asungule iqembu lakhe lezepolitiki.

“Ngikhuluma naye futhi sisezingeni eliphezulu lezingxoxo. Ipolitiki imayelana nezinombolo futhi kubaluleke kakhulu ukuthi ukhulume nawo wonke umuntu.

“Ngakho-ke, ngiyakhuluma nale ndoda futhi uma ngithi ngiyakhuluma nale ndoda ngithi i-EFF imatasatasa no-Ace Magashule,” kusho uMalema.

Uthe i-EFF ikhuluma nabantu abanohlonze abaqhamuka kwamanye amaqembu ezepolitiki futhi banethemba lokuthi bazojoyinwa yilaba baholi abasha uma iqembu ligubha iminyaka eyishumi lasungulwa enkundleni yezemidlalo i-FNB ngenyanga ezayo.

“Ngikhuluma nabantu abaningi abadala kakhulu. Angikwazi ukudalula amagama ngoba kufanele ngiqale ngiphothule izingxoxo. Kungenzeka sithuse abantu abaningi e-FNB ngohlobo lwabantu abazobe bekhona kulowo mhlangano we-EFF,” etshela i-Sunday Times.

Amanye amalungu e-ANC abeseka uMagashule ashise umfaniswano weqembu e-Parys, e-Free State athi umholi wawo uzomemezela maduze ukuthi yiliphi iqembu abazolijoyina.

UNobhalaJikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula uthe uMagashule uzosungula iqembu lakhe athe kuzoba itulo lokubhebhethekisa uthuthuva ku-ANC.

Kulindeleke ukuthi uMagashule akhulume nabezindaba kuleli sonto amemezele izinhlelo zakhe zezepolitiki.

Esithombeni esingenhla: UJulius Malema ehlola inkundla yezemidlalo i-FNB lapho i-EFF ezogubha khona iminyaka eyishumi yasungulwa

Umthombo Wesithombe: @EFFSouthAfrica

Izihloko zakamuva