UMalema akamukelekile eNkandla kusho abantu bendawo

Lungani Zungu

Echaza ngokuthi “kungokwenzuzo yesizwe,” umholi we-EFF uJulius Malema uveze ukuthi uzohlangana nalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma eNkandla ukuyophuza itiye.

“Kungenzeka ngale mpelasonto,” esho ku-Twitter ngoLwesithathu.

Kodwa abantu baseNkandla basambambele igqubu.

Isakhamuzi uSibongile Hadebe usole uMalema ngokuhola ukuhlaselwa kukaZuma okwaholela ekuweni kwakhe ngoSuku Lwezithandani kowe-2018.

“Ngiyaxolisa ukuthi angikwazi ukumxolela uMalema ngento ayenze kuMkhulu. Akamukelekile lapha eNkandla.”

Ngesikhathi etshelwa ukuthi uZuma usevumile ukuhlangana noMalema, uthe: “Anginandaba, kodwa akamukelekile lapha.”

USicelo Ndlela uthe: “UMalema wenza ihlaya ngoZuma ePhalamende. Lokho akwenzile akunakuthethelelwa. Angisoze ngabungaza ukufika kwakhe lapha eNkandla.”

Umfowabo kaZuma uKhanya uthe inqobo nje uma uMalema ekhona ukuzoxolisa, uyakwamukela ukuvakashelwa.

“Laba bangabangani bakudala ngakho-ke uma befuna ukulungisa ubudlelwano babo bayekeni benze njalo,” kusho uSicelo.

Isikhathi sokugcina lapho uMalema abeka khona unyawo eNkandla kwakungaphambi kokhetho lwangowe-2014 ngesikhathi eyonikezela indlu kumakhelwane kaZuma, uSthandiwe Hlongwane, kodwa izinto zaphazamiseka ngesikhathi abalandeli be-EFF bexabana nabasekeli bakaZuma.

UMalema, owayengumlandeli omkhulu kaZuma, wake wafunga ukuthi uzothatha izikhali abulalele uZuma, kodwa ubudlelwano babo babheda ngowe-2012 ngesikhathi uMalema exoshwa eqenjini elibusayo.

Isikhathi sikaMalema sokuziphindiselela safika ngowe-2014 ngesikhathi i-EFF iwina izihlalo ezingama-25 zasephalamende okhethweni.

Laba bobabili abaphenduke izitha basazokwabelana ngemininingwane eminingi mayelana nomhlangano wale mpelasonto.

Izihloko zakamuva