UMalema akaliboni iphutha ngokwenziwa i-Russia e-Ukraine

Arthur Greene

Umholi we-Economic Freedom Fighters (i-EFF) uJulius Malema uhlangane nenxusa lase-Russia eNingizimu Afrika ngoLwesithathu kanti iqembu lakhe ngokuhamba kwesikhathi limemezele ukuthi liyakweseka ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.

“Sihlangane nenxusa lase-Russia eNingizimu Afrika, iNxusa u-Ilya Rogachev, e-Tshwane namhlanje,” kubhala uMalema ku-Twitter.

“Sithole ulwazi lokuqala oluvela ehhovisi lenxusa mayelana nempi eqhubekayo e-Ukraine, hhayi kulabo abasakaza izinkulumo ezingamampunge,” usho kanje.

Ngokuhamba kwesikhathi i-EFF ikhiphe isitatimende ibika ukuthi iyakweseka lokhu kuhlasela yathi “iqinisekile ukuthi akukho lutho olubi” ngesenzo se-Russia.

Lesi sitatimende sibalula nalokhu okulandelayo:

“IMelika isungule izimboni zezikhali zembubhiso e-Ukraine ngenhloso yokuzisebenzisa ngokumelene nabantu base-Russia.”

Kodwa kuthiwa abukho ubufakazi bokuthi iMelika ikhiqize izikhali zembhubhiso e-Ukraine.

“Kusukela ngo-2014 uhulumeni wase-Ukraine ubambe iqhaza ekubulaweni kwabantu ezindaweni ezisempumalanga e-Donbass nase-Luhansk.”

Sekunesikhathi eside uPutin esho ukuthi kunobulala okugqugquzelwa ubuhlanga e-Ukraine kulezi zifunda kodwa abukho ubufakazi obusekela lokhu akushoyo.

“Amasosha ezempi akhethekile ase-Russia e-Ukraine […] awakaze aqondise kwizakhamizi kanye nakwingqalasizinda yabantu.”

Kunobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi amasosha ase-Russia ahlasela izakhamizi zase-Ukraine. Inkundla yemidlalo edolobheni elivinjezelwe e-Mariupol ebikhoselisa izakhamizi ezingaphezu kwezingu-1,000 iqhunyiswe ngamabhomu ngoLwesithathu.

Impi yase-Russia nayo ayikho emthethweni. NgoLwesithathu iNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe iyalele uPutin ukuthi ahoxise amasosha akhe ngokushesha e-Ukraine.

Khonamanjalo, ngoLwesithathu uMengameli waseMelika uJoe Biden ubize uPutin “ngesigebengu sempi” okokuqala ngqa.

Umthombo wesithombe: @Julius_S_Malema

Scrolla World Cup Quiz