UMalatji ukhwele wadilika kuMalema

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UCollen Malatji osanda kuqokwa njengoMengameli wophiko lwentsha lwe-ANC useqale umsebenzi wakhe kwezombusazwe ngokuhlasela uJulius Malema ne-EFF.

UMalatji uqokwe ngempelasonto engqungqutheleni okuthiwa ibihlelelwe ukukhetha abaqotho kuMengameli uCyril Ramaphosa.

Engaphansi kwengcindezi yokukhombisa ukuthi ubuholi obusha bophiko lwentsha bungabuyisa umhlaba olahlekile uMalatji uhlasele uMalema wathi uhola i-EFF njengondlovukayiphikiswa.

Selokhu axoshwa ku-ANC ngo-2012 uMalema usezakhele iqembu eligcwele abantu abasha abamnyama futhi uhlomule ngezihlalo ezingu-44 ePhalamende likazwelonke.

I-EFF ethi inamalungu angaphezu kwesigidi ithole amavoti ayela kwangu-2,5 million okhethweni olwedlule.

UMalatji uthe uMalema akaxoshwanga ngoba wayelelwa inkululeko yezomnothi kodwa kungenxa yokungaziphathi kahle.

“UMalema akaxoshwanga ngenxa yokulwela inkululeko yezomnotho; akulona iqiniso. Amanga. Waxoshwa ngenxa yokungaziphathi kahle. Waxoshwa ngenxa yokwephula umthethosisekelo we-ANC. Wayefuna ukudala uphiko lwentsha oluzoba inhlangano okungeyakhe njenge-EFF.

“Lapho ku-EFF noma ngabe ufunde kangakanani awukwazi nokukhuluma.

“Odokotela abafundile abafana no(Dkt Mbuyiseni) Ndlozi bayagijima bakhela uMalema amanzi,” kusho uMalatji.

Uthe uMalema udume kakhulu ku-Twitter futhi angaba nguMengameli ukube ukhetho lubanjwa ezinkundleni zokuxhumana.

“Uma ukwazi ukwenza ukhetho le-Twitter ngokusho kwe-Twitter ngabe uJulius unguMengameli namuhla,” kusho uMalatji.

Lesi senzo esimelene noMalema senze uMalatji waba isihloko esishisayo kuTwitter kanti abanye bathi ukuhlasela uMalema kuyiphutha.

UMalatji uwine ingqungquthela ye-ANCYL enesiqubulo esithi-“Economic Freedom or Death”, esifana kakhulu nese-EFF nemigomo yayo.

Esithombeni esingenhla: UCollen Malatji noMengameli uCyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: Twitter

Scrolla World Cup Quiz