UMakhura usejoyine impi yokulwa nobugebengu

Everson Luhanga

Njengoba i-Tembisa isingezinye zezindawo ezinobugebengu kuleli, uNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura ujoyine amaphoyisa esifundazwe ukuze kuqedwe abantu abephula umthetho.

Ngesikhathi somkhankaso we-O Kae Molao ngoLwesine izikhulu zamaphoyisa zigcwale umgwaqo zivimba izimoto zaphinde zangena kuwo wonke amakhona emigwaqo ezindaweni ezahlukene zase-Tembisa okuhlanganisa ne-Winnie Mandela Section.

Indawo ebizwa ngeWinnie Mandela idume ngokuzibambela mathupha lapho izakhamuzi zingalindi amaphoyisa kodwa zizenzela zona umsebenzi.

Kusukela ngoLwesithathu, amaphoyisa abophe abasolwa abangu-806, kanti kulaba, abangu-165 baboshelwe amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ekhuluma ne-Scrollla.Africa, uNdunankulu uMakhura uthe i-Tembisa iyindawo ebalwa nezindawo eziyishumi ezihamba phambili uma kukhulunywa nge-Gender based Violence.

Kulona leli lokishi, amaphoyisa abophe owesilisa obeyingxenye yeqembu lezigelekeqe elinamalungu angu-25 eladubulana namaphoyisa e-Rosettenville lapho kwabulawa khona amalungu ezigelekeqe angu-8 kwaboshwa angu-11.

UNdunankulu ukuvumile ukukhathazeka kwezakhamuzi ebezikhala ngokushoda kwezinsiza esiteshini samaphoyisa e-Tembisa i-Rabasotho.

“Umkhankaso wanamuhla ungomunye wemikhankaso eqhubekayo esizoyenza elokishini ukusekela isiteshi samaphoyisa,” kusho uMakhura.

Uthe umphakathi akumele uzithathele umthetho ngezandla.

“Kumele sizibike emaphoyiseni izigebengu. Akumele bazibambele mathupha,” kusho uMakhura.

IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uGeneral Tommy Mthombeni uthe le mikhankaso isazoqhubeka.

“Sizokwenza impilo ibe nzima kwizigelekeqe,” kusho uMthombeni.

Ngemuva kokuvinjwa komgwaqo, amaphoyisa angene emigwaqeni lapho ebheka ukuthi umthetho uyalandelwa yini, ikakhulukazi kubadayisi. 

Kuhlolwe izitolo zaselokishini kwathi lezo ezihweba ngaphandle kwezincwadi ezisemthethweni zavalwa. Abanikazi bezitolo abaningi abaphuma emazweni angaphandle abakade bengenawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe kulelizwe, bathathwe baboshwa izikhulu zoMnyango wezaseKhaya nazo ebeziyingxenye yalo mkhankaso.

Izihloko zakamuva