UMakhura ufisa ukusiza amalokishi

Everson Luhanga

UNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura uzokweseka umnotho wasemalokishini.

UMakhura ubengomunye wabaphathi bezombusazwe ovakashele leli lokishi elinezinxushunxushu ngemuva kombhikisho onodlame oholele ekubulaweni kuka-Elvis Nyathi oqhamuka ezweni lase-Zimbabwe obehlala eNingizimu afrika.

UMakhura uthe isifundazwe sizokweseka noma iziphi izinhlelo zamabhizinisi eningizimu.

UNdunankulu ubekhuluma ngesikhathi evakashele e-Diepsloot ngoLwesibili eyophendula imibuzo yomphakathi mayelana noMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Komnotho wasemalokishini osanda kuphasiswa isiShayamthetho.

UMthethosivivinywa uhlose ukuthi abantu abahlala emalokishini bakwazi ukuziqalela amabhizinisi bebodwa ngosizo lwezimali oluvela kuhulumeni.

Uthe bonke abantu abaqhamuka emazweni angaphandle abazobe beqhuba amabhizinisi kunoma imaphi amalokishi ase-Gauteng kumele beze kuleli ngokusemthethweni futhi kumele babe nezincwadi ezisemthethweni ukuze benze ibhizinisi kuleli.

UMakhura uthe ukuba usomabhizinisi iyona ndlela yokuthuthukisa umnotho wakuleli lokishi kanti lesi isikhiye sokufukula umnotho wezwe.

UMakhura utshele izethameli zabantu ababalelwa ku-50 ukuthi uma izakhamuzi eziningi ezingasebenzi ziqala amabhizinisi azo lokho kuzoholela ekwehleni kobugebengu endaweni.

“Ufuna ukuzisungulela ibhizinisi lakho uphinde uqhube ibhizinisi elihlanzekile elifanelekile elingeke libandakanyeke ezintweni zobugebengu nokungadayisi izinto ezingekho emthethweni.”

“Ufuna nje ukuqhuba ibhizinisi lakho ukuze ungenisele umndeni wakho imali futhi uqinisekise ukuthi uyakwazi ukuqasha abantu abaningi uma ibhizinisi lakho likhula, kodwa lokhu kubukeka kunzima kakhulu kosomabhizinisi abancane eNingizimu Afrika,” kusho uMakhura.

UMakhura obehambisana noNgqongqoshe wezeMigwaqo nokuThutha e-Gauteng, uMnu uJacob Mamabolo okhulume ngezinto eziningi.

Izakhamuzi eziningi zinikezwe ithuba lokubuza uNdunankulu imibuzo mayelana noMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Komnotho Wasemalokishini nokuthi uzozihlomulisa kanjani.

Izakhamuzi zithe indawo enkulu lapho ezingaqhuba khona amabhizinisi kuhlala abantu abaqhamuka emazweni angaphandle bathenga iziza ngokungemthetho ezikhulwini zikahulumeni ezikhohlakele.

UThandiwe Mbele oneminyaka engu-55 ungusomabhizinisi e-Diepsloot kusukela ngonyaka ka-2007.

Uthe ubenendawo yokubhaka endlini yakhe. “Okungenani uma ngingathola indawo kanye nezinsiza ezifana nama-mixers azongikhuthaza.”

“Ibhizinisi lami belilokhu lizinzile ngenxa yokuntula koxhaso uma nje ngingathola usizo lwezimali ngiyazi ukuthi ngingalikhulisa ibhizinisi lami,” kusho uThandiwe.

ULeah Ramashala waqala ibhizinisi lakhe esebenza kwezokwakha ngo-2005 futhi uthwale kanzima ukuze alikhulise ngenxa yoxhaso. “Ngiyajabula ukuthi ekugcineni uhulumeni ucabanga ngabantu bakhe,” kusho uRamashala.

Izihloko zakamuva