Lubhalwe nguLinda Ximba
UGcina Makhoba akumkhathazi neze ukuqhathwa noRoberto Paradero.
UMakhoba, ongumpetha we-WBF International Junior Bantamweight noRoberto Paradero bazolwela isicoco somhlaba esingaphethwe muntu se-WBF ekolishi iMajuba KwaZulu-Natal, e-Dundee ngoMgqibelo.
Le mpi ihlelwe yiHle-Jobe Promotions ephethwe owesifazane osemusha uHlengiwe Sithole.
Kuzobe kungokokuqala uMakhoba engenela impi enkulu kangaka futhi ezobe eqhathwe nembangi eyethenjwayo eyake yahlukela ukuwina ibhande le-WBA Super minimum.
Umpetha we-WBF International Junior Bantamweight, uMakhoba akumkhathazi ukuqhathwa noParadero, ozilolonga ngaphansi kwesitebele sodumo sikaManny Pacquiao.
UParadero, ozilolongela esitebeleni esidumile sikaManny Pacquiao uke waphatha isicoco se-WBO Asia Pacific Youth Minimumweight. Uzishaya isifuba ngerekhodi lokunqoba izimpi ezingu-18 kwezingu-22.
Lena kuzobe kuyimpi kaMakhoba ka-11. Usewine izikhathi eziyisishiyagalombili wadlala ngokulingana kanye. Uthathe ibhande le-WBF grade B kuMsawenkosi Ndwandwe ngo-2020, waphinde walivikela ngempumelelo empini efanayo ngoMfumfu kulo nyaka.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa esanda kuthola ukuthi uParadero usefikile kuleli, uMakhoba ubonakale evutha engabaselwe ngalempi.
“Anginandaba nemininingwane nemvelaphi yakhe. Engikwaziyo ukuthi uzobhekana nobunzima eringini,” usho kanje.
“Kuzongijabulisa ukwesekwa abantu bakuleli. Ngeke ngibaphoxe abalandeli bami kanye nomndeni wami.”
UMakhoba uyazi ukuthi le mpi ibaluleke kangakanani.
“Ukunqoba kwami kuzongivulela iminyango yezimpi ezinkulu ngonyaka ozayo,” esho.
Kwenye impi ebhekwe ngabomvu kuzoqhudelana uWendy Gcadu noNoxolo Mkhasibe belwela isicoco saKwaZulu-Natal se-Super Middleweight esingenamuntu kanti imizulizwano izoba ngaphezulu kweyishumi.
Khonamanjalo, izikhulu zaseKZN zizosebenza isikhathi esengeziwe kule mpelasonto. Ngemuva kokwenza umsebenzi e-Dundee bazobhekisa amabombo oLundi enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto lapho iLudonga Boxing Promotions izobe ivule umncintiswano wamabhande amabili e-WBF International.
U-Ayanda Mthembu noSinemalile Ntuli bazotholana phezulu lapho bezolwela khona ibhande le-middleweight kanti uSabelo Cebekhulu noMawande Matroos bazobe belwela i-junior bantamweight. Zombili izimpi zezicoco zihlelelwe imizuliswano eyishumi.
Esithombeni esingenhla: UGcina Makhoba (ophakathi nendawo)
Umthombo wesithombe: sithunyelwe