Kabelo Tlhabanelo
Ekuqaleni uMohau Mlongeni ubecabanga ukuthi inja yakhe, uFly, ibikade ilwa nezinye izinja ngoba ibisingenawo amadlebe.
Kodwa uthe uma ebhekisisa wabona ukuthi zombili izindlebe zinqunywe ngento ebukhali.
UMohau, ohlala e-Hobhouse e-Free State, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngesikhathi ngifika ekhaya ngoLwesihlanu ngabona inja yami ingenazo izindlebe. Ibihleli eduze kwesango futhi isezinhlungwini ezinzima. Ngibuze komakhelwane ukuthi kwenzekeni kodwa abantu bangikhombisa umuzi lapho engingathola khona izimpendulo.”
Uphenyo lwakhe uMohau lumholele komunye womakhelwane la afice khona unkosikazi ovumile ukuthi umyeni wakhe owenze lesi senzo esibi.
Njengamanje le ndoda izobhekana namacala obugebengu ngemuva kokuthi abakwa-SPCA bemvulele icala.
UMohau uthe owesifazane ubesebenzisana naye.
“Ungitshele ukuthi umyeni wakhe ucuphe inja ukuze ayibambe. Uthe uzamile ukumvimba ukuthi angalimazi inja kodwa wenqaba. Ungitshele ukuthi angimqonde ngqo umyeni wakhe ukuze achaze kabanzi.”
Kodwa ngesikhathi le ndoda iba nodlame futhi iqala ukumthuka, uMohau uye emaphoyiseni agcine esebiza abakwa-SPCA.
“Ngifuna ubulungiswa ngoFly. Leyo ndoda kufanele ibuzwe ubuhlungu engibuzwile. Inja yami ibivikele igceke lami,” kusho uMohau.
UReinet Meyer we-Bloemfontein SPCA utshele abakwa-Scrolla.Afrika ukuthi lesi ngesinye sezigameko ezimbi kakhulu zokuhlukunyezwa kwezilwane angakaze azibone.
“Abahloli bethu bavele bayophenya. Kubikwe ukuthi owesilisa ubambe inja wayinquma zombili izindlebe ngommese.”
Uthe umsolwa uphinde wavuma kubahloli ukuthi unqume izindlebe zenja, wathi ubengazii ukuthi inja ekabani.
Abakwa-SPCA bahambise inja kudokotela wezilwane ukuze bayothola usizo lwezempilo kodwa ukulimala kwayo bekukubi kakhulu kanti igcine ifile.
Umhloli we-SPCA uTebogo Maswanganye uthe: “Kubukeka sengathi kusekuningi okusamele sikwenze ukuqeda ukuhlukunyezwa kwezilwane. Kodwa asisoze sayeka ukulwa kuze kube kwenziwa ubulungiswa ngalenja.”
Kuvulwe icala lokuhlukunyezwa kwesilwane elibhekene nomsolwa. Kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Hobhouse.