UMakhadzi usekhiphe enye ividiyo yomculo

Sizwe Sibiya

UMakhadzi usekhiphe ividiyo yomculo yengoma i-Zwivhuya ayicula nomculi wase-Zimbabwe uJon Delinger, kanti njengoba kuhlezi kulindelekile kwiNdlovukazi, ingoma ishisa izikhotha. 

Le ngoma ikhona kule-album yesibili kaMakhadzi, enesihloko esithi-African Queen eyaphuma ngenyanga edlule ikhishwa inkampani yokuqopha okwakukhona kuyo uMaster KG ebizwa nge-Open Mic Productions. 

UMakhadzi useqedile ngezinkinga zomjolo, njengoba ubecula ngawo kule ngoma enesihloko esithi-Ghanama ayicula noPrince Benza. Manje usegxile ekudluliseni umthandazo kuNkulunkulu, ecela izibusiso nezinto ezinhle. 

UMakhadzi oqhamuka e-Ha-Masia esifundazweni sase-Limpopo, ukhombise ubuhle bamasiko ase-Afrika ngesikhathi egqoke imvunulo yakhe kanye nalabo abamdanselayo, ngesikhathi etshengisa izimo abantu abaningi ababhekana nazo mihla namalanga. 

Le ngoma uyicula ngolimi lesi-TshiVenda uthi, “Nkosi usuphelile lo nyaka, uma sekuqala omusha uze ungibale nami. Ngesikhathi ubusisa abanye uqale ngami, ngoba izinto ezinhle ziza kulaba abazilwelayo ngokuzikhandla nabasebenza kanzima.”

Sekuphele izinsuku ezine ingoma iphumile, kodwa ingoma kaMakhadzi ayicula noJon Delinger isibukwe abantu abayi-740,000 ku-YouTube. 

Umthombo wevidiyo:YouTube

Izihloko zakamuva