Sizwe Sibiya
Abaculi bomculo womdanso base-Limpopo baphumelele kakhulu kuleli sonto, uMakhadzi kanye nembangi yakhe emculweni, uKing Monada, bobabili babelana ngempumelelo entsha empilweni.
Sekuphele inyanga uMakhadzi ememezele izindaba ezinkulu zomuzi wakhe omusha awuthenge ngemuva kokuthenga izindlu ezintathu ethengela umama wakhe, ubaba wakhe kanye nogogo wakhe.
Manje lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ethi-“Matorokisi” usesayine inkontileka yezigidi eziyi-R120 nenkampani yezimpahla zezemidlalo i-Kicks.
“Isivumelwano sezigidi eziyi-R120 sesisayiniwe saqedwa. Usozigidigidi wakusasa,” kusho uMakhadzi ozosebenzisana nale nkampani ukwakha ubucwebe nezimpahla zokugqoka ze-Kokovha ezikhombisa lo mculi.
Igama elithi-“proudly South African” lasungulwa ngusomabhizinisi uSammy Mhaule ophinde abe ngumsunguli nomqondisi ku-SkyRule Drinks.
“I-#kicksfootwear ingikhiphe enhluphekweni,” kubhala uMakhadzi kumazwibela esithombe sakhe noSammy.
Khonamanjalo uKing Monada wabelane ngezithombe zendlu yakhe entsha eyisitezi ezinkundleni zokuxhumana.
Laba baculi kubikwa ukuthi balungisa ubudlelwano babo, ngemuva kokuxabana kwabo bebanga ingoma ethi-“Ghanama” ngoNtulikazi.
Le ngoma ibinabo bobabili laba baculi, kodwa bavele bahlukana ngaphambi kokuthi ikhishwe. Igcine ikhishwe ngezindlela ezimbili ngemuva kokuthi abaculi bengakwazi ukuxazulula ukungezwani kwabo.
Umthombo wezithombe: @Makhadzi &@KingMonada