UMakgoba ucelela uShenge imikhululeko

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMbhishobhi waseSheshi eKapa uThabo Makgoba unxusa isizwe ukuba sikhulekele uNdunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Bekuyimpelasonto obihlenzekwe ukuba kukhulekelwe uButhelezi kodwa lo mholi akazange akwazi ukuba ingxenye yemikhuleko ngenxa yokudunguzela.

Uphinde wangeniswa esibhedlela ngemuva ngoMsombululo odlule ngenxa yokubambeka.

NgoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi kunesidlo sakusihlwa oLundi esikhumulweni sezindiza iPrince Mangosuthu Buthelezi enyakatho yeKwaZulu-Natal, uMbhishobhi uthe ube nesikhathi esimnandi noButhelezi esibhedlela.

“Ngicela isizwe ukuba sikhulekele ukuthi uMntwana uButhelezi alulame ngokushesha ukuze abuyele ekhaya. UButhelezi ungomunye wamalungu ebandla lethu asebenza kanzima. Ngo-1963 waba ngowokuqala omnyama ebandleni laseSheshi kuleli ukusimela e-Toronto,” kusho uMakgoba.

Ngesikhathi sesidlo sakusihlwa uButhelezi unconywe njengosopolitiki osebenze ngokuzikhandla ukuthuthukisa abantu abamnyama ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.

Ukulwa kwakhe nokucwaswa kweziguli ezine-HIV ne-Aids kanye nokulwela kwakhe imfundo kungezinye zezinto ahlonishwe ngazo.

Isidlo sakusihlwa silandelwe iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup ngoMgqibelo.

Kulo mqhudelwano bekukhona namaqembu adlala kwi-Premier Soccer League okubalwa kuwo AmaZulu FC, iRoyal AM. Bekukhona nelaseSwatini, iMbabane Swallows FC, iKaizer Chiefs Legends neMC Tshatha FC.

Indebe ihambe neRoyal AM ngemuva kokuwina ngo 2-0 ibhekene ne-AmaZulu FC.

Ngesikhathi sesidlo sakusihlwa uMakgoba kanye noMbhishobhi waseWeseli uLinda Mandindi bazwakalise ukukhathazeka ngabaholi bezepolitiki abanomhobholo nabangosomathuba ukuze bantshontshe izimali zabakhokhibentela.

UMagkoba uphinde wasola abaholi bamabandla ngokuphendula inkolo “indlu yehlazo” ngenxa yombango wezikhundla nemali.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beRoyal AM begubha iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup oLundi ngoMgqibelo ngemuva kwesidlo sakusihlwa ebesibanjwe ngoLwesihlanu ntambama.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva