Dylan Bettencourt
UYasamin Azizi akakuvumelanga ukuphathwa kwe-Taliban e-Afghanistan ukuthi kumvimbele ekuqeqesheni abasubathi besifazane be-taekwondo. Kodwa lo mqeqeshi osemnkantshubomvu uphoqeleka ukuthi abaqeqeshe ngasese.
Njengoba ukubamba iqhaza kwabesifazane kwezemidlalo kungakacaci ngaphansi kombuso we-Taliban, ukubamba iqhaza kwavinjelwa ngaphansi komthetho wangaphambilini we-Taliban, owaphela ngowezi-2001.
Eminyakeni eyalandela ngemuva kokuwa kwalowo hulumeni, abesifazane ababehlanganyela kwezemidlalo baba isenzo sokungahloniphi.
Nokho, ngenxa yokusaba ukubuyela ezingeni elifanayo lengcindezelo, abasubathi besifazane abaningi balibalekele izwe.
U-Azizi nokho uqhubekile nokuqeqesha abasubathi bakhe besifazane i-taekwondo selokhu i-Taliban ithathe izintambo ngoNcwaba, nakuba ibhizinisi lakhe liye laduma. Phambilini ubeqeqesha abafundi ababalelwa kwabangama-60 kuya kwabangama-70, kodwa manje usekwazi ukuqeqesha abafundi abayishumi kuphela ngosuku.
“Sekuphele izinyanga ezimbili noma ezintathu uhulumeni waphambilini ewile, sizilolonga sinyenyela ezindaweni ezihlukene zokuzivocavoca. Njengoba nazi nonke ukuthi amantombazane awavumelekile ukuthi aqhubeke nomsebenzi noma ukuziqeqesha, ngenza konke okusemandleni ukusiza umphakathi wami ikakhulukazi amantombazane akhonze ukuzivocavoca,” kusho umqeqeshi.
Umakadebona u-Azizi ubeyingxenye yeqembu lesizwe labesifazane le-taekwondo lase-Afghanistan iminyaka eyisithupha edlule. Kubikwa ukuthi uphinde abe ngunompempe wokuqala wesifazane kuleliyazwe kwezemidlalo.
Ikusasa lezemidlalo ezweni elinezinkinga libhekene nokungaqiniseki okukhulu njengoba i-Taliban ingakanikezeli umhlahlandlela wokubamba iqhaza kwabesifazane kwezemidlalo.
Omunye wabafundi ozilolongela ejimini eyimfihlo uthe umphakathi wabo ubuphekwa i-Taliban ngemibuzo muva nje.
“Ezinsukwini ezintathu ezedlule, abanye esibambisene nabo ejimini nabo abangamalungu eqembu lesizwe le-taekwondo bajahwa abantu base-Taliban baze bayofika emakhaya.
“Abase-Taliban baze bangena ezindlini zabo beyobuza. Lokhu kunzima kithina, ukuthi ngeke sikwazi ukuqhubeka nemfundo yethu futhi ngeke sikwazi ukuqhubeka nokuqeqeshwa kwethu,” kusho uBehtareen Rostaee.
Njengabasubathi abaningi besifazane ezweni, u-Azizi usenalo futhi usacubungula ikusasa lakhe kuleli futhi usecabange ukushiya i-Afghanistan ayoqhuba umsebenzi wakhe we-taekwondo ezweni elihlukile.
Umthombo wesithombe: @Reuters