Lungani Zungu
Ngesikhathi eneminyaka eyisishiyagalombili uPanyaza Lesufi wabaleka wasindisa impilo yakhe amaphoyisa obandlululo edubula abafundi ababebhikisha bengahlomile.
ULesufi usanda kuqokwa ngumengameli uCyril Ramaphosa njengoNdunankulu olandelayo waseGoli engena esikhundleni sikaDavid Makhura.
Kwathi ngo-1976 ngesikhathi uPanyaza esemuncane kwabulawa abantu abangaphezu kuka-174 ngesikhathi semibhiyozo yabafundi base-Soweto.
Ethukuthele futhi enemicabango eminingi wafunga wagomela ukuthi uzolwa nohlelo olunonya lobandlululo.
Umndeni wakhe wathuthela e-Tembisa ngemuva kokususwa eDindela e-Edenvale ngenxa ye-Group Areas Act.
Kwakuse-Tembisa ngesikhathi ethola khona igama lesiteketiso elithi Panyaza okuyigama alithola ngokudlala ibhola ezinkundleni zebhola ezinobhuqu.
Akazange acabange kabili ngesikhathi enxenxwa umngani wakhe esemncane uKennedy Nkoane ukuthi ajoyine i-Congress of South African Students (Cosas) eyayihambisana ne-ANC ngeminyaka yango-1980.
Eminyakeni engamashumi amane nesithupha ngemuva kodlame olubi lwango-1976 uLesufi manje oneminyaka engu-54 ubudala uzohola iGoli njengoNdunankulu okuyisifundazwe esinamandla kumnotho wezwe.
Ukudlondlobala kwakhe njalo kwezombusazwe akuzange kube nezithiyo.
Waboshwa ngo-1989 ejele lase-Modderbee eneminyaka engu-21 ngenxa yezenzo zakhe zezombusazwe.
Ngo-1995 waphinde waboshelwa izinsolo zokusabalalisa inkulumo yezinguquko zemfundo ephakeme.
Ngobuholi bakhe uLesufi waklonyeliswa ngendondo iChief Albert Luthuli Award.
Ngo-2014 waqokwa njengoNgqongqoshe wezeMfundo okwamhlanganisa namaqembu afana ne-AfriForum eke yamsola ngokucwasa ngokwebala ngenxa yemigomo ayeyiphusha ezikoleni zikahulumeni.
Inhlangano elwela amalungelo abantu yasola uLesufi ngokuphusha umthetho ochitshiyelwe kumthethosivivinywa we-Basic Education Laws Amendment Bill wokuthi kuqedwe izikole ezisasebenzisa ulimi lwesiBhunu.
Ngemuva kweminyaka emine ngo-2018 uqokwe njengePhini likaSihlalo we-ANC okuyisikhundla asibambe waze wakhethwa njengoSihlalo wesifundazwe ngoNhlangulana.
Ukukhethwa kwakhe njengoSihlalo we-ANC esifundazweni kumvulele amathuba okuba uNdunankulu waseGoli.