Okokuqala ngqa emsebenzini wakhe, uRobert Lewandowski ukuthi azuze umklomelo womdlali wonyaka we-FIFA Men’s Player of the Year. Lo mgadli weBayern Munich unqobe uLionel Messi weBarcelona noCristiano Ronaldo weJuventus asebephathe iminyaka.
“Ungalinge uyeke ukuphupha,” kusho uLewandowski ekhasini lakhe le-Twitter.
“Ngibonga kakhulu ngalo mklomelo. Kuyintokozo enkulu ukuthola lokhu kusihlwa.”
Lo mcimbi ububanjwe-online cishe ngoLwesine ebusuku e-Zurich, eSwitzerland.
Lo mgadli oneminyaka engama-32 ubudala wase-Poland kube intokozo enkulu ukumbukela edlala aze afinyelele ekutholeni umklomelo.
Ushaye amagoli angama-55 emidlalweni engama-47 ngesikhathi esiza iBayern Munich ukunqoba i-UEFA Champions League, i-Bundesliga ne-German Cup.
Ukuqokwa kwakhe ngesizini edlule kubalwa nokuba umshayimagoli ovelele kwi-Champions League ngamagoli ayi-15, i-Champions League Forward of the Season ne-UEFA Men’s Player of the Year.
“Sengivele ngiqalile ngicabanga ngezindebe ezilandelayo. Lokhu kungokwami nengqondo yeqembu. Ngiyethemba ukuthi sizogubha lezi ezilandelayo nabalandeli.”
Kube nempumelelo eyengeziwe kuBayern njengoba uManuel Neuer ethole umklomelo we-Best Men’s goalkeeper. Ungenelwe amagoli angama-31 kuphela emidlalweni engama-33 ye-Bundesliga.
Abanye abawinile kube:
ITottenham Hotspur: USon Heung-min uhlabane ngomklomelo we-Puskas wegoli elihle kakhulu ngokudlala kahle kwakhe ngesikhathi ebhekene neBurnley ngesizini edlule.
UJurgen Klopp weLiverpool – uwine umklomelo Womqeqeshi Wonyaka Wabesilisa.
USarina Wiegman weHolland – uwine umklomelo Womqeqeshi Wabesifazane Ohamba Phambili ku-Fifa.
USarah Bouhaddi weLyono neFrance – uwine umklomelo Kanozinti Ohamba Phambili Wabesifazane.
ULucy Bronze weNgilandi – ungumdlali Ohamba phambili Wabesifazane.
Umthombo wesithombe: @BayernMunich