Celani Sikhakhane
Usihlalo wekhomishini ebiphenya ngokugwamandwa kombuso yidlanzana, umahluleli uRaymond Zondo usola uNgqongqoshe wezokuvakasha, uNksz uLindiwe Sisulu, ngokuthuka amajaji amnyama ngemuva kokuwabiza ngama-house Negro.
UZondo amazwi kaSisulu awamukelekile njengoba ethuka amajaji nomthethosisekelo.
UZondo ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu lapho ebephendula khona amazwi ashiwo uNgqongqoshe uSisulu lapho kade ebhala gaqa lakhe ekhasini lemibono kwa-IOL ekuqaleni kwaleli sonto.
Akuzona ezobulungiswa kuphela ezilwa nokuphawula kukaSisulu. Umakadebona we-ANC uCheryl Carolus utshele i-ENCA ukuthi unethemba lokuthi uSisulu usazophendula mayelana nokuphawula kwakhe okuthuse abaningi.
Omunye wozakwabo, onguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMondli Gungubele uchaze isenzo sikaSisulu njengobudedengu obuphakeme kakhulu.
Ukuhlasela kukaSisulu – okuhambisana nokukhishwa kombiko wokuqala kaZondo olethe ukukhathazeka mayelana nokulawulwa kombuso – kubukeka sengathi ugaqele ukungena esikhundleni sobumengameli nokungenela ukhetho lwe-Radical Economic Transformation (RET) ukuze aphonsele uCyril Ramaphosa inselelo yokuphatha i-ANC nohulumeni esikhathini esizayo.
Uphiko lwezobulungiswa oluzimele lwaseNingizimu Afrika kanye nomthethosisekelo usiza ekuvikeleni uhulumeni nezakhamuzi zakhe kosopolitiki abakhohlakele noma abayingozi, ngakho le mpi inomthelela obaluleke kakhulu ezweni.
Esihlokweni sakhe, uSisulu usole amajaji amnyama ngokuhlukunyezwa ngokomqondo nokwamukela indlela umhlaba ophila ngayo.” Uphinde wanxusa ukuba kulungiswe kabusha uhlelo lwezobulungiswa kanye nomthethosisekelo, athi watolikwa amajaji angenayo umbono nomuzwa oqinile ngokuba awoHlanga.
“Akufanele kwamukeleke embusweni wentando yeningi yomthethosisekelo efana neyethu ukuthi ilungu lephalamende nesigungu esiphezulu singavele sivuke ekuseni ngaphandle kokuba namaqiniso ngalokho akwaziyo bese ehlambalaza wonke amajaji ase-Afrika avela enkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni.,” kusho uZondo.
UZondo uthe ukuhlasela kukaSisulu kusengcupheni yokuthi izakhamuzi zingazethembi izinkantolo.
“Ngokuhlambalaza amajaji amnyama ngale ndlela, udala isimo sokuthi ezinye izakhamuzi zingabe ziseza enkantolo nezingxabano zazo futhi zingazihloniphi izinkantolo nemithetho yazo njengoba ethi lamajaji amnyama ayizicelankobe kwabamhlompe,” kusho uZondo.
I-EFF isola uZondo ngokuzama ukusebenzisa inkulumo kaSisulu ekukhankaseleni isikhundla sokuba iNhloko yamajaji.