UMAGASHULE UZIBE ISIXUKU EBESIMLINDILE NJENGOBA ICALA LIHLEHLISIWE

Kabelo Tlhabanelo<

UNobhala-Jikelele we-ANC u-Ace Magashule bekufanele athule inkulumo ngemuva kokuvela kwakhe enkantolo, kodwa kunalokho uvele wadlula phambi kwaso isixuku ebesimlindile.

Noma kubekwe imithetho ye-Covid-19, amakhulu abantu bebuthene e-Hertzog Plein Park eseduze ukuzolinda inkulumo kaMagashule. Ebangeni nje elingamamitha angama-200, inani elikhulu lamaphoyisa belizungeze iNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngocingo oluhlabayo nezinyala izimoto zamaphoyisa ezihlomile.

U-Andile Lungisa utshele isixuku esinganelisekile ukuthi, uMagashule angeke akhulume naso.

Uthe: “Lo mbuthano awuvunyelwe ngokwemigomo ebekiwe. Kodwa kufanele simeseke uNobhala-Jikelele. Abanye bethu baqonda ngqo ejele uma befunwa. Asikaze sibaleke. Sizobuya sizomeseka ngomhla zi-11 kuNcwaba.”

UKhamelo Mlungisi, obekhona esixukwini uthe, uqhamuka eGoli ukuzokhombisa ukumeseka.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngiyazi ukuthi umbuthano awuvunyelwe kodwa sikhuluma ngoMagashule lapha. Lona ngumuntu owayezimisele ukufela abantu baseNingizimu Afrika ngezikhathi zobandlululo. Nami ngizimisele ukumfela. Asinendaba ne-Covid-19.”

UMagashule nabanye abayi-14 bavele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo aphathelene nethenda yezigidi ezingama-R255 ye-asbestos. Lokhu kwenzeka ngesikhathi uMagashule esangundunankulu wase-Free State. Bonke abasolwa abali-15 bavele kafushane enkantolo ngaphambi kokuthi icala lidluliselwe enkantolo ephakeme ngomhla zi-11 kuNcwaba.

Ngemuva komhlangano ongekho emthethweni obuse-Hertzog Plein Park, okhulumela amaphoyisa uBrigadier uMotantsi Makhele uthe, kuvulwe icala lokuphenya ngaphansi koMthetho Wezinhlekelele.

Uthe, akukho ukuqhelelana komphakathi okwenzekile futhi nezifonyo bezingagqokiwe.

UMagashule ubambe isithangami sabezindaba ngokuhamba kwesikhathi ngalolo suku e-Bloemfontein, lapho atshele khona izintatheli ukuthi akanacala kuze kube ubekwa yinkantolo.

Uphinde watshela izintatheli ukuthi akazukushiya phansi izintambo kuze kube amagatsha e-ANC amqokile azwake le amazwi abo ngalesi sinqumo.

Isithombe: @magashule_ace

Izihloko zakamuva