UMagashule usinde ekuhoxisweni esikhundleni

Lungani Zungu

UNobhala-Jikelele we-ANC, u-Ace Magashule usinde ekuhoxisweni esikhundleni ngokomgomo weqembu – okwamanje – kodwa injabulo yakhe ngathi eyesikhashana.

UMagashule ubengomunye wabaholi be-ANC abanikezwe izinsuku ezingama-30 ukuthi baphume eceleni – ngomnqamulajuqu obubekelwe uLwesihlanu.

Kodwa i-ANC ihlehlise umnqamulajuqu ukuba ube ngempelasonto ezayo lapho kuzobe kuhlangane khona i-National Executive Committee (NEC).

UMagashule angahle aphume kulowo mhlangano obaluleke kakhulu we-NEC njengelungu elijwayelekile le-ANC, uma i-NEC ivotela ukumumisa esikhundleni kanye namanye amalungu abhekene namacala.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe iqembu selilinde i-NEC, okuyisigungu esiphezulu seqembu esinquma izinqumo, ukuthi linikeze umkhombandlela wokuthi kumele kwenzekeni ngamalungu abhekene namacala.

Akabange esanaba ngodaba.

I-NEC ithathe isinqumo sokuthi wonke amalungu abhekene nenkohlakalo, ukukhwabanisa kanye namanye amacala abucayi kumele ahoxe ezikhundleni aze asulwe amacala abo yizinkantolo.

UMengameli uCyril Ramaphosa ubelukhuni ngenyanga edlule, ethi amalungu athintekayo kumele ahoxe eceleni kungenjalo azomiswa.

Kodwa uMagashule usesikhundleni sakhe esiphakeme eLuthuli House, amahhovisi amakhulu e-ANC eGoli.

Sekukaningi esho ukuthi ngeke ahoxe esikhundleni, wathi amagatsha kuphela angamyalela ukuthi ehle esikhundleni.

Ngesikhathi ebuzwa ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi ngabe useqalile yini ukusula ihhovisi lakhe, uvele wahleka wathi cha.

UMagashule ubhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa avela kuthenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Phakathi kwabaholi beqembu abaqavile abasindile namuhlanje kukhona iMeya yeTheku uZandile Gumede, oseyilungu lesiShayamthetho sesifundazwe saseKZN.

Bobabili uGumede kanye noMagashule banqabile ukukhuluma ne-Scrolla.Africa ngoLwesihlanu.

Izihloko zakamuva