
Lungani Zungu
Kugcine kwenzekile ekugcineni!
Njengoba ethole incwadi yokumiswa yangomhla zi-3 kuNhlaba esayinwe yiphini lakhe uJessie Duarte, uNobhala-Jikelele we-ANC u-Ace Magashule umisiwe emsebenzini, kodwa uzoqhubeka nokukhokhelwa futhi akavumelekile ukwenza noma yiziphi izitatimende emphakathini.
Ukumiswa kwakhe kuza ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komhlangano obalulekile we-NEC obuhlelelwe impelasonto. Akukacaci noma usazoba yingxenye yalo mhlangano nokuthi uzowuhambela engaphansi kwasiphi isikhundla.
NgoMsombuluko, i-National Working Committee (NWC) yeqembu inqume ukuthi wonke amalungu abhekene nenkohlakalo, ukukhwabanisa namanye amacala abucayi kumele ahoxe ezikhundleni noma amiswe.
Ngenyanga edlule banikezwe izinsuku ezingama-30 ukuthi bahoxe ezikhundleni futhi leso sikhathi saphela ngoLwesihlanu olwedlule.
UMagashule ubelokhu emile kwelokuthi wayengeke ngokuzithandela ahoxe esikhundleni, wafuna ukuthi i-ANC imumise.
UMagashule ubhekene namacala athinta ithenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.
Abasizi bakhe batshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzosidlulisa isikhalazo ngesinqumo sokumiswa kwakhe.
Lolu daba luyaqhubeka.