Lungani Zungu noZukile Majova
Vele usemisiwe futhi usanda kukhishwa kwi-ANC National Committee, kodwa u-Ace Magashule usazama ukubambelela.
Ngempelasonto, uMagashule uphikise yonke imibandela ebhalwe encwadini yokumiswa kwakhe.
Le yimibandela yokumiswa kwakhe:
– Angeke athwale imisebenzi nezimfanelo zehhovisi lakhe njengonobhala-jikelele
– Angeke amele inhlangano esidlangalaleni noma kwesinye isithangami
– Akavumelekile ukwenza izethulo zomphakathi ezindabeni eziphathelene nenhlangano
– Angeke ahlanganyele ekugqugquzeleni izinhlaka ze-ANC, noma yiziphi ezinye izinhlangano, noma abantu, kufaka phakathi ukushiya kwakhe eceleni kanye nezindaba ezihlobene nalokho.
Kusukela amiswa mhla zintathu kuNhlaba, uMagashule ukhiphe isitatimende esikhundleni sakhe njengoNobhala-Jikelele emisa uMengameli uCyril Ramaphosa.
Ubuye waba nezingxoxo eziningi nabezindaba ekhuluma ngokushiya kwakhe eceleni wahlanganyela nezinhlaka ze-ANC, amagatsha kanye namalungu e-ANC.
Zonke lezi zenzo zingaphoqa isandla sikaRamaphosa ukuhudula uMagashule odelelayo kwikomidi langaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe leqembu.
Ngemuva kokuthi uhlelo lwakhe olwesabekayo lokubhidliza umhlangano oyisipesheli we-NEC lungaphumelelanga, uMagashule ushintshe uhlelo.
Isikhulu se-ANC esimisiwe manje sihlanganisa amagatsha e-ANC ukuba alwe noRamaphosa.
NgeSonto amagatsha amaningi e-ANC esifundeni saseThekwini ahlangane e-Durban Girls High School ngenhloso yokuveza obala ukuthi ayameseka uMagashule nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
UMagashule wenqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa ngeSonto.
“Ngenza umsebenzi we-ANC,” esho, ngaphambi kokuvala ucingo.
Ukumiswa kukaMagashule bekungezinye futhi izinkomba zokuthi uRamaphosa ubambelele ngokuqinile kwi-NEC, yize izitha zakhe bezithi unguMengameli obuthaka.
Ukumiswa kukaMagashule nakho kwamxabanisa nalowo owayekade eqotho kanye nowayeyiphini lakhe, uJessie Duarte, owabhala incwadi yokumiswa.
Iqembu lamagatsha e-Free State, okuyisisifundazwe sangakubo, kukholakala ukuthi belinxenxa ngasese amanye amagatsha ukuthi alahle isisindo sawo ngemuva kukaMagashule obebambekile.
Kodwa okhulumela i-ANC uPule Mabe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isinqumo se-NEC singujuqu.
“Sonke siyalingana njengamalungu e-ANC futhi izinqumo ezithathwa yi-NEC zingujuqu.”
Isithombe: @magashule_ace