UMagashule angaba yingozi kwi-ANC

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Kubukeka sengathi lowo owayenguNdunankulu wase-Free State u-Ace Magashule udosi lwakhe alukapheli yize esexpshiwe kwi-ANC.

Lesi isigameko sakamuva sikaMengameli uCyril  Ramaphosa sokuqeda amandla abalandeli balowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Kodwa empeleni usengaba inkinga enkulu ku-ANC.

Umbuzo omkhulu uthi ngabe uzojoyina elinye iqembu?

I-EFF yilona qembu elisobala angalijoyina – kanti uma uJulius Malema engakwazi ukwamukela uMagashule lokho kungenza iqembu lakhe libe namandla amakhulu.

Konke kulele kwi-Free State.

Ngaphambi kokuxoshwa kwakhe ku-ANC, i-Free State iye yaqinisekisa ukuthi izoqhubeka nokweseka i-ANC ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

Uma uMagashule ejoyina elinye iqembu kunengozi enkulu yokuthi ukuxoshwa kwakhe ku-ANC kungase kulahlekisele iqembu elibusayo okhethweni.

Okungenani kungaphoqa i-ANC ukuthi ibe nomfelandawonye.

Kuyimanje i-ANC iyazabalaza ukuthola amavoti esifundazweni.

I-ANC yawina i-Free State ngo-62% ngo-2019 kanti lokho kwenziwa ukuduma kakhulu kukaMagashule.

Ukungalethwa kwezidingo emphakathini komasipala abaholwa i-ANC, e-Free State kwehlise isabelo se-ANC saba ku-50.6% kuphela okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi ngo-2021.

Lokhu kusho ukuthi amaqembu aphikisayo athole amavoti angaphezu kuka-49% esifundazweni kanti irekhodi le-ANC liya ngokuba libi kakhulu.

Umbiko wakamuva womcwaningimabhuku- jikelele ukhombisa ukuthi awukho nowodwa umasipala ophethwe i-ANC esifundazweni othole umbiko ongenagcobho.

UMagashule waziwa ngokuthi usondelene nowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma  oweseka i-EFF kaJulius Malema.

Obekhulumela uZuma, uJimmy Manyi usanda kujoyina i-EFF emenze waba ngomunye wamalungu ayo ePhalamende ngesonto eledlule.

I-EFF isanda kukhipha ividiyo kaMagashule ezijabulisa nabaholi be-EFF ngesikhathi kugujwa uSuku lwe-Freedom Charter.

I-EFF iyazi ngethonya likaMagashule e-Free State futhi iyazi ukuthi muva nje ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela nyakenye amanye amagatsha e-ANC, e-Free State aqoka uMagashule ukuthi angenele isikhundla sikaMengameli we-ANC.

Amalungu e-ANC ayaqhubeka nokumeseka uma evela enkantolo eNkantolo eNkulu yase-Bloemfontein lapho abhekene khona namacala okukhwabanisa, inkohlakalo, ukushushumbisa imali kanye nokwephula umthetho we-Public Finance Management Act.

I-EFF iyiqembu elino-12% e-Free State kodwa njengoba uMagashule esezithendeni zayo isisekelo sayo singakhula futhi singanikeza i-ANC inselelo njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

Esithombeni esingenhla: Oxoshiwe owayengumholi we-ANC u-Ace Magashule 

Umthombo: @Magashule_Ace

Izihloko zakamuva