UMagaqa udlalele ubaba wakhe

Linda Ximba

USibusiso Magaqa uqhubekile nokudlalela iRoyal AM ngoMgqibelo yize ethole izindaba zokuthi ubaba wakhe kusolwa ukuthi udutshulwe wabulawa nje emahoreni ambalwa edlule.

Ngesikhathi lo mdlali wasesiswini azisa iqembu lakhe lobuchwepheshe ngaphambi komdlalo wabo we-GladAfrica Championship neTS Sporting eThekwini ngoMgqibelo, bamtshele ukuthi makahoxe emdlalweni.

Kodwa uMagaqa ucele ukuthi adlale yize kunjalo.

Futhi enkundleni udlale kahle. IRoyal AM iwine lo mdlalo ngo-2-1 waqokwa njengomdlali ovelele.

UMagaqa utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi ngesikhathi ezwa ngokudutshulwa kukababa wakhe wabona kufanele ukuthi angene enkundleni ayodlalela yena.

“Ngijabule kakhulu ukuthi ngikwazile ukusiza iqembu linqobe. Lokhu kunqoba kwenyuse amathuba ethu okuthola ukukhushulwa njengoba sekusele imidlalo emine.”

UMagaqa uthe akasoze alukhohlwa uthando neziyalo uyise amnike lona nomndeni wakhe.

“Ubeweseka umsebenzi wami. Wangeseka kakhulu ngesikhathi ngisayina inkontileka yami neqembu lamaZulu kumasizini amane edlule.”

Umqeqeshi weRoyal AM uSazi Hadebe, uthe lokhu okwenziwe nguMagaqa akukholakali.

“Simcele ukuthi ahoxe enkundleni kodwa wagcizelela ukuthi ufuna ukufaka isandla eqenjini. Sizomeseka isonto lonke njengoba umndeni wakhe ulungiselela ukungcwaba othandiweyo wabo,” kusho umphathi.

IRoyal AM, ephethwe ngusomabhizinisi wesifazane uShawn Mkhize, njengamanje isesicongweni kwi-log ngamaphuzu angama-47 emidlalweni engama-27 esadlalwe nemidlalo emithathu esele.

Izihloko zakamuva