UMagaia unetwetwe ngomdlalo ozayo

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umgadli weBanyana Banyana uHildah Magaia uvumile ukuthi unetwetwe ngaphambi komdlalo wabo wokuqala ka-Group G weNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabesifazane yakulo nyaka lapho abazobhekana khona ne-Sweden ngeSonto.

INdebe yoMhlaba iqale ngoLwesine kanti iBanyana izobhekana ne-Sweden e-Wellongton emdlalweni wayo wokuqala.

Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi uMagaia abonakale emqhudelwaneni webhola lomhlaba wonke weminyaka emine.

“Kunemizwa eminingi exubile,” kusho uMagaia.

“Nginovalo kodwa ngesikhathi esifanayo ngiwubheke ngabomvu umqhudelwano futhi ngiwubheke ngabomvu umdlalo wokuqala nokubona ukuthi kuzwakala kanjani ukudlala kulesi sigaba esikhulu kunazo zonke.”

Lo mgadli odabuka e-Limpopo ube umpetha ngesikhathi iBanyana iwina i-Africa Cup of Nations nyakenye ngokushaya amagoli amabili kowamanqamu bebhekene ne-Morocco.

Usebenzisa impumelelo ye-Wafcon njengogqozi emdlalweni wangeSonto.

“Ngingasho ukuthi ugqozi engaluthatha ku-Wafcon ukuqhubeka nje nalokho esikwenzile noma engakwenza lapho,” kusho uMagaia.

“Kumele sinyuse umfutho sinyukele phezulu ngoba inkundla ayifani. Lesi isigaba esiphezulu futhi kumele silindele noma yini. Kufanele siye lapho ngomqondo omuhle namandla amakhulu.”

I-Sweden isendaweni yesithathu ezilinganisweni ze-Fifa kanti iBanyana isendaweni yesi-54.

Kodwa uMagaia akaboni i-Sweden njengezimbangi ezisezingeni eliphezulu.

“Akumele sisatshiswe ngokuthi babekwe endaweni ephezulu kunathi ngakho kufanele sithole ukuzethemba. Akufanele basifakele utwetwe,” esho.

Ngemuva kokubhekana ne-Sweden, iBanyana izobhekana ne-Argentina ezinsukwini ezinhlanu kamuva ngaphambi kokuthi iqede umkhankaso wayo wamaqoqo ibhekene ne-Italy mhla zimbili kuNcwaba.

Esithombeni esingenhla: UHildah Magaia nozakwabo kuBanyana Banyana

Umthombo wesithombe: Banyana Banyana

Izihloko zakamuva