UMaestro Giroud ushaye amagoli amane ukubeka iChelsea esicongweni

Umgadli weChelsea uOlivier Giroud ushaye amagoli amane ajabulisayo wasiza amaBlues ukushaya iSevilla ngamane eqandeni ngoLwesithathu ebusuku e-Estadio Ramon Sanchez-Pizjuan e-Spain.

Le ndoda yase-France ishaye igoli lokuwina ngesonto eledlule ngesikhathi iChelsea ivikela indawo yayo ye-16 kwiChampions League. Lesi sihlabani sidlale kahle kakhulu ukuvikela indawo ephezulu ku-Group E.

Kube yisiqalo esihle kakhulu kumaBlues, ngesikhathi uKai Havertz ephasela uGiroud ophenduke wafaka ibhola ngakwesokunxele senethi.

Ngomzuzu wama-54, uGiroud ushaye ibhola phezu kukanozinti weSevilla – okube yisiphetho esihle ngemuva kokuphaselwa nguMateo Kovacic.

UNgolo Kante wase-France uhlangane noGiroud ukunikeza umgadli i-hattrick. Umdlali wasesiswini ukhethe owangakubo wamphasela ibhola – uGiroud ube eselibangisa epalini eyoshaya igoli lesithathu.

UGiroud uvuke wazicosha endaweni yephenalthi ngemuva kokukhubeka ebhokisini.

“Okunye ukudlala okuhle kweqembu lokhu. Kusobala ukuthi ngiyaziqhenya ngokushaya amagoli amane futhi ngibonga engibambisene nabo,” kusho uGiroud.

Ku-Group G, uCristiano Ronaldo ushayele ikilabhu nezwe lakhe amagoli angama-750 ngesikhathi iJuventus ishaya iDynamo Kiev yase-Ukraine ngamathathu eqandeni nokuqeda endaweni yesibili ngemuva kweBarcelona.

IJuventus izodlala neBarcelona ngoLwesibili oluzayo emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Champions League e-Nou Camp. UChristiano Ronaldo uphuthwe ukudlala kumlenze wokuqala ngemuva kokuthola ukuthi une-Covid-19.

Isithombe: @Chelsea

Izihloko zakamuva