Zukile Majova
Ukulungiselela ukhetho lohulumeni bendawo lwango wezi-2021 lwethule inguquko entsha kwiPhini likaMengameli uDavid Mabuza.
Eminyakeni emine edlule, ubebalekela ukuhlangana nomphakathi njengoba kunamahlebezi okugula kwakhe, kodwa noma kunjalo akekho umuntu ogulayo owake waba matasa kangaka emsebenzini othatha isikhathi sakhe sonke.
Ubukeka esebenzisa ukhetho lohulumeni bendawo ukuze alungiselele impi enkulu kunazo zonke: umzamo wokuthola umsebenzi ophezulu ku-ANC kanjalo nasesizweni.
UDD, okuyigama adume ngalo uMabuza, usegxile kakhulu ekunqobeni indawo i-Tshwane Metro nokunqoba isifundazwe sangakubo iMpumalanga.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, inqwaba yabalandeli kuWadi ye-100 e-Tshwane bagcwale evenini lakhe ngesikhathi ekhankasa ehambisa izikibha nezinye izimpahla ze-ANC.
KwakuseMamelodi e-Tshwane lapho uMabuza amemezela khona ukuthi ufuna ukuthatha ihlandla lesibili njengephini likaMengameli, kodwa wagcizelela ukuthi lokho kulele kubantu.
“Kuzoba isinqumo sabantu,” etshela izinkumbi zabantu be-ANC.
“Uma bethi angigijime ngizogijima. Uma bethi, ‘cha, sinomunye umuntu ozongenela ukhetho,
ngizokwamukela.”
● Ngesikhathi ezihambela kuwadi yama-89, endaweni yezinxanxathela yezitolo ebizwa nge-Thorn Tree Mall e-Tshwane, iphini likaMengameli we-ANC ladlala iqhinga lepolitiki leminyaka: laya kumama nomfanyana wakhe, laqukula umfana lamgona.
● NgoMgqibelo odlule, uhole umkhankaso wokungena umuzi nomuzi kuwadi ye-15 Osizweni e-Newcastle lapho agaxe khona ugogo ngebhayi elikhulu le-ANC ngesikhathi elalele ngokucophelela izinkathazo zabantu basemphakathini.
Okumele kukhathaze abantu baseNingizimu Afrika ukuphumela obala kukaMabuza ukuthi uzobe ekhona ukuthi aphathe ihlandla lesibili njengephini likaMengameli uma i-ANC isibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngonyaka ozayo.
Ukuhola umkhankaso we-ANC ozosiza i-ANC endaweni yasedolobheni kungathatha isikhathi eside ukuze uMabuza ahlele indlela eya esikhundleni esiphezulu emhlabeni.
Kuze kube manje, igama likaMabuza kanye nokuziphatha kwakhe kuke kwakhulunywa njengoba kukhona abakhathazekile ngezinsolo zokubandakanyeka kwakhe ezigamekweni eziningi zobugebengu.
Kule minyaka eyishumi edlule, uMabuza wazakhela ezepolitiki eMpumalanga, okwenza lesi sifundazwe saba ngesesibili ngobukhulu engqungqutheleni yokugcina ye-ANC yokukhetha ubuholi e-Nasrec ngonyaka wezi-2017.
Kuleyo ngqungquthela uMabuza washiya iqembu eleseka uMnumzane uJacob Zuma wathatha isikhundla sokuba yiphini likaMengameli.