
Linda Ximba
Abashayisibhakela baseNingizimu Afrika bahambe ekamabuyaze kwi-International Boxing Association (IBA) ye-Women’s World Boxing Championships eqhubekayo e-Turkey.
Yize bebuye belambatha kodwa amava abawathole khona azobasiza esikhathini esizayo.
Lona ngumbono oshiwo umshayisibhakela uGeane Dicks obeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika elingazange liwine kulo mqhudelwano obungesonto eledlule.
UDicks olwa esigabeni sika-75kg uzame konke okusemandleni akhe kodwa uMartha Michel wase-France ubedlala ngendlela eyisimanga.
“Amalungiselelo ahambe kahle kwaze kwaba siyafika futhi esikubonile izinga lomqhudelwano beliphakeme kakhulu kwabanye bethu. Kumina lolu bekuwusuku lokuvuka ngoba isitha sami besikwelinye izinga,” kusho uDicks etshela i-Scrolla.Africa ese-Turkey.
UPhiwokuhle Mnguni uthwale kanzima ebhekene noMontiel Mereles wase-Uruguay empini yabo ka-57kg.
UMnguni obezethemba ngemuva kokuwina igolide ku-Zone 4 Games e-Mozambique ngenyanga edlule uthe ufunde lukhulu kulo mqhudelwano.
“Ngihluliwe kodwa ngijabule ngesipiliyoni engiya naso ekhaya. Ngifunde ukuthi kumele unqobe isitha sakho. Ukufunda imbangi yakho kuthatha isikhathi,” kusho lo mshayisibhakela.
Bangu-310 abashayisibhakela abamele imifelandawonye yezwe engu-73 ababambe iqhaza emikhakheni yesisindo engu-12.
Abenze kahle bazomela amazwe abo emidlalweni ezayo ye-Birmingham Commonwealth Games ngoNtulikazi.
UDicks noMnguni kulindeleke ukuthi babambe iqhaza emidlalweni yaseNingizimu Afrika ehlelelwe uNtulikazi ngaphambi kokuthi baye kuma-Commonwealth Games.
Ngaphambi komqhudelwano ozoba se-Turkey uMengameli we-Sanabo uSiyabulela Mkwalo uthe bebengalindele ukuthi abashayisibhakela babo babuye nezindondo njengoba sekuphele iminyaka emihlanu bagcina ukuhlanganyela emqhudelwaneni emikhulu yomhlaba.
Kodwa bebeyofunda izifundo eziningi ezibalulekile.
Umthombo wesithombe: @SANABOBoxingOrg