Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UNdunankulu wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane uvumile ukuthi nakuba i-ANC ithole amavoti amaningi kulesi sifundazwe kodwa ayisaqinile njengakuqala.
Ukwesekwa kweqembu esifundazweni kuncipha kancane kancane. Ngo-2019 lithole amavoti angu-68.74%. Okhethweni lukazwelonke lwango-2024 ukwesekwa kwalo kwehle kwafinyelela ku-62.16%.
UMabuyane uthe iqembu kumele lisebenze kanzima ukuze liqhubeke nokubusa isifundazwe.
“Abantu banikeze i-ANC iminyaka engu-30 namahlandla ayisithupha,” kusho uMabuyane. “Ukwehla kwe-ANC kuhlobene nokuthi i-ANC izisingatha kanjani ezinye izinkinga.”
“Besingekho ezingeni eliphezulu kakhulu okhethweni. Ukuba namawadi angaphansi kuka-50 kwangu-715 akwaze ukuphakamisa amagama alabo abebezoya ePhalamende naseSishayamthetho, kwakuwuphawu lwesixwayiso esicacile.”
UMabuyane uthe nakuba kukuningi okusamele kwenziwe uma kungena ubuholi besikhombisa akukho zinguquko ezinqala azozenza.
“Ngivumelana nenkulumo ethi kungani kulungiswe uma kungaphukile? Kodwa ngeke siphumule uma abantu bakithi bengasebenzi futhi bempofu,” usho kanje.
UMabuyane usazomemezela ikhabhinethi yakhe.
Kuzophinde kubonakale ukuthi ubani ozovala isikhala sikalowo owayenguNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, uNomakhosazana Meth, osanda kufungiswa njengelungu lePhalamende kuZwelonke.
Esithombeni esingenhla: UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane efungiswa esikhundleni sakhe esiShayamthetho sesifundazwe.
Umthombo: Facebook