UMabuyane nezinguquko kwikhabhinethi yakhe

Celani Sikhakhane

UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, usebenzise izinguquko kwikhabhinethi ukuxosha labo abebengenele ukhetho engqungqutheleni ye-ANC yesifundazwe yakamuva.

UMabuyane okubhekwe lukhulu kuyena futhi waziwa ngokufuna ukuqhudelana noMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kubikwa ukuthi wenze into ephikisana noRamaphosa kwezinye izifundazwe ukukhuculula izimbangi.

Lokhu kunikeze uMabuyane ithuba lokuxosha abalandeli bohlangothi le-ANC abazibiza nge-Radical Economic Transformation elizimisele ukuvikela owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma. 

UMabuyane ukhiphe isitha sakhe esaziwayo kwezepolitiki uNgqongqoshe wezokuThutha uWeziwe Tikana-Gxothiwe phambilini owayesolwa ngokusebenzisa indlu yezivakashi yendodakazi yakhe ukuvalela iziguli ze-Covid-19. Uphinde wasolwa ngokusebenzisa kabi indlu yezivakashi ukwenza imisebenzi yoMnyango wakhe unyaka wonke.

Uphinde wasolwa ngokufaka ephaketheni imali yomngcwabo wezisulu zengozi yebhasi yaku-Centane.

Umyeni wakhe usabhekene necala lokukhwabanisa ithenda ye-Covid-19 ka-R1.6 million elithinta uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape. UTikana-Gxothiwe uphinde wabheja ihhashi okungelona okunguMadikizela engqungqutheleni ye-ANC yesifundazwe yakamuva.

Ukuguqulwa kwalolu hlelo kuholele ekutheni abalandeli bakaMabuyane abakhulu bagixabezwe ngezikhundla kwikhabhinethi, kodwa uMabuyane uyakuphika lokho.

“Lokhu kuphoqelekile ukuthi ngenze inqubo eqinile yokuthola isixazululo sesikhathi eside sokuvala lesi sikhala kuze kube sekugcineni. Ngokwenza kanjalo kufanele ngicabangele nokuthi sesiphakathi nesikhathi sokuphatha

okufana nengxenye yesibili yomdlalo webhola lezinyawo,” kusho uMabuyane esithangamini nabezindaba e-Bhisho.

ONgqongqoshe abasha kwikhabhinethi nguZolile Williams ozongena esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe we-Cogta, uBukiwe Fanta onguNgqongqoshe omusha wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye noNtombovuyo Nkopane onguNgqongqoshe omusha Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda.

UNgqongqoshe uXolile Nqata ususwe kwezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu wafakwa kweZokuthutha nokuPhepha koMphakathi, UNksz Nonceba Kontsiwe usuke kwezokuHlaliswa kwaBantu waya kwezemidlalo, ezokuNgcebeleka, ezobuCiko namaSiko kanti noSiphokazi Mani-Lusithi usuke kwezokuThuthukiswa koMphakathi wayongena kwezokuHlaliswa kwaBantu.

Izihloko zakamuva