Uma imvelo isifikile ayivimbeki 

Izihlabani zezemidlalo zingase zibe ngcono uma zingavele zinikwe ithuba zigijimele ngaphandle uma kumele ziyochama.

Owayengumgadli we-Juventus uChristian Bunino ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokubanjwa echama eceleni kwenkundla ngaphambi kokungena enkundleni ezobhekana ne-Lecco edlala ku-Serie C.

UBunino bekufanele angene esikhundleni somunye ngesikhathi ephiswa umchamo futhi ubengenaso isikhathi sokugijimela endlini yangasese.

Ngakho-ke, lo mdlali (26) unqume ukuzikhulula ngokushesha ngaphambi kokungena enkundleni.

Kodwa-ke, uBunino usale ekhexile ngesikhathi izikhulu zimbona zamkhipha ngekhadi elibomvu.

Umqeqeshi we-Lecco uLuciano Foschi uthe ubona sengathi ikhadi elibomvu bekuyisinqumo esinzima.

“Imithetho futhi kumele isetshenziswe, kodwa benginethemba lokuthi izikhulu zizosebenzisa ingqondo ngoba akacasulanga muntu futhi akekho okubonile lokho,” kusho uFoschi etshela i-Gazzetta dello Sport.

“Benginethemba lokuthi uzothola ikhadi eliphuzi, kodwa unompempe akazange alenze iphutha lokwenza njalo. Futhi ngokubona kwami uBunino ubengazi nokuthi kuzokwenzekani.”

Ukwengeza kulokho okwenzekile umdlalo uphele ngo 0-0 kanti uBunino akakwazanga ukushayela iqembu lakhe igoli njengoba iqembu lakhe belifuna lokho.

Amadoda anikezwa ithuba lokukwazi ukuchama ezindaweni eziningi kodwa izihlabani zezemidlalo mhlawumbe zisengcupheni yokubhekana nesijeziso ngokwenza lokho.

Nyakenye umdlali wamaBhokobhoko waphoqeleka ukuthi axolise esikoleni sebhola lombhoxo e-Australia ngemuva kokuchamela eceleni kwenkundla ngesikhathi eziqeqesha phakathi nesonto.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UChristian Bunino

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva