Uma iChiefs ifuna uPitso, uzobiza u-R2m ngenyanga

IKaizer Chiefs kuzomele ikhokhele uPitso Mosimane imali elinganiselwa ku-R2-million ngenyanga uma ifuna abe ngumqeqeshi wayo.

UMosimane (59) ozame ukuhlenga iqembu elikwi-Saudi Pro League, i-Abha Club, ukuthi lingadliwa yizembe ngesizini edlule angase atholakale maduze njengoba inkontileka yakhe iphela kule nyanga.

Icala eliphakathi kweMamelodi Sundowns nenkampani yakhe iMT Sports Marketing and Management lidalule ukuthi wayehola u-R1.55-million ngenyanga kuSundowns ngo-2020.

UMosimane neSundowns bangene ezinkantolo ngenxa yokuthi iSundowns ifuna umnikazi weMT Sports uMoira Tlhagale akhokhe ikhomishini yakhe elinganiselwa ku-R8.6-million ngoba uMosimane akazange ayiqede inkontileka yakhe.

UMosimane ongomunye wabaqeqeshi asebenesipiliyoni sesikhathi eside futhi abahlonishwa kakhulu eMzansi wasayina inkontileka enkulu neSundowns ngoNhlaba ka-2020 kodwa wahamba ngoMandulo walowo nyaka wajoyina izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly, okungenzeka ukuthi wayefuna enye imali.

Ngemuva kokushiya i-Al Ahly ngoNhlangulana ka-2022 uMosimane uqeqeshe i-Al-Ahli Saudi FC, i-Al-Wahda ku-UAE Pro League, kanye ne-Abha Club.

Ukuphumelela kwakhe endaweni yase-Gulf kungenzeka kunyuse izinga lakhe ngakho iChiefs ingase idinge ukukhipha imali elinganiselwa ku-R2-million ngenyanga ukuze imthole, kubika i-TimesLive.

Inkontileka kaMosimane neSundowns ibihlanganisa ibhonasi ka-10% emalini yomklomelo ngokuwina imiqhudelwano yePSL noma yezinkomishi kanye namabhonasi ka-R5,000 kuya ku-R8,000 wokunqoba imidlalo.

IChiefs iqede isizini edlule isendaweni yeshumi ngaphansi komqeqeshi wesikhashana, uCavin Johnson, okuyindawo yayo embi kakhulu yeligi kanti sekuphele amasizini ayisishiyagalolunye ingakaze iwine izindebe.

Iqembu lithungatha umqeqeshi omusha kanti kungenzeka limemezele emasontweni amabili azayo .

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Osesithombeni esingenhla: uPitso Mosimane.

Umthombo: Pitso Mosimane/X

Izihloko zakamuva