Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Selokhu kuqale isizini yokusoka ebusika ekupheleni kukaNhlaba, bayisishiyagalombili sebebonke abashonile e-Eastern Cape, abayisithupha kubo bashone ngenxa yokusokwa okungekho emthethweni.
Emasontweni amabili edlule, abafana abasokwayo abangu-73, iningi labo okungabafana abancane abaye entabeni ngaphandle kwemvume yabazali babo batakulwe ezikoleni zokusoka ezingekho emthethweni esifundazweni sonke.
USihlalo wekomiti elididiyela ukusoka esifundazweni, iNkosi Gwazinamba Matanzima, uthe amakhosi esifundazweni asebenza ngokuzikhandla ukulwa nezikole zokusoka ezingekho emthethweni.
“Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi sinqanda ukushona kwabantu. Besihamba phambili ekuzameni ukulwa nalolu daba, ikakhulukazi mayelana nezikole zokusoka ezingekho emthethweni kanjalo nodokotela mbumbulu.
“Sisebenzisana kakhulu namaphoyisa. Kuze kube manje sekuboshwe abangu-27 esifundazweni ngenxa yalokhu,” kusho uMatanzima.
Ugqugquzele abazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekuqinisekiseni ukuthi izingane zabo ziyavikeleka.
“Kumanje simatasa sizama ngazo zonke izindlela ukukhuluma nabazali ukuthi banakekele izingane zabo futhi balandele umthetho uma befuna ukuhambisa izingane zabo esikoleni sokusoka,” engeza.
UMatanzima uthe abazali kumele bazi ukuthi bavumelekile ukulanda izingane zabo esikoleni sokusoka uma bebona ukuthi ingane yabo ayiphephile.
Wengeze ngokuthi kunamakomiti asebenzayo endaweni ngayinye lapho abazali bengaqinisekisa khona izikole zokusoka kanjalo nodokotela abaqeqeshelwe ukwenza lo msebenzi.
Esithombeni ngenhla: Abafana abasokwayo
Umthombo Wesithombe: X