UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie uthembise ukuthi umsubathi uLuxolo Adams uzoya kuma-Olympics, nakuba ekhishwe eqenjini laseNingizimu Afrika kwangena uWayde van Niekerk.
U-Adams owaphumelela ukungena kuma-Olympics, usesabise ngokumangalela i-Athletics South Africa (ASA).
UMcKenzie uthe akulungile ukushiya ngaphandle u-Adams ophuma endaweni yasemakhay wasebenza kanzima ukuze aphumelele.
“Ngixoxile nabaholi beSouth African Sports Confederation and Olympic Committee kanye ne-ASA, akumele badikibalise abantu abasha, uLuxolo ufanelwe ukuhamba ngoba uqeqeshekile. Ukhuthaza abantu abasha abasakhula esigodini sangakubo kanje nasesifundazweni,” kusho uMcKenzie.
UMcKenzie uthe uma abalandeli abakhulu beyiswa kwimiqhudelwano emicimbini yamazwe ngamazwe, kumele nabasubathi abafana no-Adams bahambe.
“Sithathe abalandeli abaningi ngezinga eliphezulu. Kungani singakwazi ukuthatha abasubathi abasezingeni eliphezulu njengaye? Ngeke ngithembise ukuthi uzoqhudelana, kodwa ngizoqinisekisa ukuthi uyahamba. Uma kufanele ngithole indlela yokuvula isikhala ngizokwenza ngoba angifuni ukuphula umoya wakhe ezimisele,” engeza.
UMcKenzie ulindele imiphumela emihle kwiTeam South Africa kuma-Paris Games.
“Ngilindele izindondo zegolide eziningi. Amaqembu ama-Olympic namaParalympic athuthukile, futhi ngizoba khona ukuze ngibakhuthaze kakhulu.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: ULuxolo Adams.
Umthombo: World Athletics/X