ULux usengene kweyokulwisana nabaphuma kwawangaphandle

Everson Luhanga

Ngesikhathi uNhlanhla “Lux” Dlamini egcina ukubonakala enxanxatheleni yezitolo, wayezovikela iMopanya Mall – lapho aduma khona ngokuvimba abaphangi ukucekela phansi le nxanxathela yezitolo ngesikhathi sezidubedube zangoNtulikazi nyakenye.

Kodwa ngoMgqibelo uLux, njengoba aziwa kanjalo, ubandakanyeke kwesinye isigameko enxanxatheleni yezitolo – kulokhu ubengavikeli kodwa ubehola iqulu labantu abamashayo – efuna izindawo zokudlela e-Sandton City ziqashe abantu bendawo kuphela.

Emabhasini amabili netekisi elilodwa le-quantum, uLux uhole iqulu labantu abasha base-Soweto nase-Alexandra ukuya enxanxatheleni yezitolo beyobhikishela ukuqashwa kwabantu bangaphandle ngabanikazi bezindawo zokudlela.

Intsha ebiphethe ama-CV ifike kungazelelwe endaweni yokudlela enxanxatheleni yezitolo, yacula izingoma zomzabalazo amahora amane ngesikhathi onogada bemile bebambe ongezansi bebukela bengakholwa.

“Asiphikisani nabaphuma emazweni angaphandle. Kuwubuwula kubantu ukucabanga ukuthi siyabaxosha eNingizimu Afrika,” kusho uLux.

“Esikushoyo nje ukuthi sifuna wonke umuntu okulelizwe abe semthethweni futhi abhaliswe nguhulumeni wethu.

“SSinbantu abaphuma emazweni angaphandle abaningi ezweni abenza imisebenzi ebalulekile emikhakheni eyahlukene njengodokotela kanye nonjiniyela.”

Uthe leli qulu lizohambisa umbhikisho ezinhlakeni zikahulumeni njengoMnyango wezaseKhaya nezabasebenzi.

“Asiqondile abantu abamnyama abakuleli ngokungemthetho kuphela. Kodwa siqonde bonke  abamhlophe, abamnyama noma ngabe ungolunye uhlanga, abahleli    ngokungemthetho kuleli “.

ULux uthe akayona ingxenye ye-Operation Dudula okuyiqembu elike laba sematheni muvanje ngokushisa izitolo eziphethwe abaphuma emazweni angaphandle erenki yase-Baragwanath. Lesi sishoshovu   saziqhelelanisa nabo.

“Angiyona ingxenye ye-Operation Dudula – kodwa kungangijabulisa ukuzihlanganisa nabo senze umsebenzi ofanayo”.

U-Adolf Marema, ongumholi kanye nommeli wentsha e-Alexandra, uthe yena nasebenzisana nabo abacwasi abaphuma emazweni angaphandle.

“Lesi yisiqalo futhi lolu hlelo sizoluyisa kweminye imikhakha eminingi yezomnotho. Uma siqeda lapha siya emnyangweni kahulumeni,” kusho uMarema.

Uthe abanikazi bezindawo zokudlela banegunya lokubheka ukuthi abantu ababaqashayo abavela kwamanye amazwe banazo yini izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli.

“Akumele bacashe ngokuhluleka kukahulumeni ngokuqasha abantu abangenawo amaphepha afanelekile”.

Izihloko zakamuva