ULux uphazamise ungqongqoshe

Everson Luhanga

UNhlanhla Lux uphenduke iciko ngesikhathi efika kungazelele muntu ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele elungiselela ukukhuluma nababhikishi phambi kwesiteshi samaphoyisa sase-Diepsloot.

Izinkumbi zabantu ziye zashiya uCele – obezomemezela ukwandiswa kwamaphoyisa kulenadwo nokuyinto osekunesikhathi eside abahlali bakulendawo abebeyifisa. Ngesikhathi efika uDlamini, abantu bahambile baya kuyena bashiya uCele.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa, uDlamini uthe uthole ucingo oluvela kumalungu omphakathi emtshele ukuthi asekhathele ngosopolitiki abathembisa izinto bangazenzi, ngesikhathi ubugebengu buqhubeka nokubhebhetheka elokishini labo.

“Kudingeke ukuthi ngisabele ngokuthi ngiye endaweni ngiyobona ukuthi kwenzekalani,” etshela i-Scrolla.Afrika.

Mayelana “nokuntshontsha” izihlwele zikaNgqongqoshe uCele, uNhlanhla Lux uthe: “Bekungeyona inkinga yami ukuthi abantu bakhethe ukulalela umuntu osemusha kunosopolitiki.

“Angibacelanga abahlali ukuthi beze kimi. Bathe bengibona babona umholi wabo nethemba labo. Bekungeyona inhloso yami ukuthi isixuku sishiye uNgqongqoshe nethimba lakhe.”

UNhlanhla uthe yena namalungu akhe bazohambela zonke izingxenye zalelizwe uma abantu baseNingizimu Afrika bemfuna ukuthi azobaseka.

Ugcizelele ukuthi abantu abaningi babhekene nobuhlungu bokunganakwa yizikhulu zikahulumeni wabo.

“Njengase-Diepsloot abantu bakwezinye izingxenye zezwe, ikakhulukazi emalokishini, bahlushwa ubugebengu obudlangile.”

UVincent Ndima wasePhalamende lase-Alexandra, ojoyine imashi kaDlamini, uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu babone ukuthi lelizwe kumele libe nabantu abasha emikhakheni ebalulekile, abazoxazulula izinkinga ezibhekene nentsha.

“Asibona osopolitiki. Siyingxenye yomphakathi ohlushwa yiwo wonke amaqembu epolitiki ezweni athembisa abahlali impilo engcono kodwa engakufezi lokho,” kusho uNdima.

Scrolla World Cup Quiz