ULungu uMengameli wase-Zambia ukhulume ngasese ngendaba yokubeka izintambo phansi amukele ukuhlulwa

Lungani Zungu

UMengameli wase-Zambia u-Edgar Lungu ubekhuluma ngasese kulempelasonto ngokubeka izintambo ngemuva kokuba ahlulwe kukhetho.

Imiphumela isabalwa, kodwa imibhalo iyaveza ukuthi ophethe elinye iqembu uHakainde Hichilema uhamba phambili.

Umthombo wezepolitiki e-Lusaka uthe owayenguMengameli uRupuah Banda unezingxoxo noLungu ofuna ukuvikeleka ekushushisweni.

ULungu angase abhekane nezinsolo zenkohlakalo, ngakho-ke usefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uzovikeleka ngaphambi kokuba abeke phansi izintambo.

Ophethe elinye iqembu e-Zimbia usetshele uMengameli obesephethe amahlandla eminyaka eyisithupha ukuthi amukele ukuhlulwa.

Sikucela ukuthi uziphathise okwendoda yesizwe, uvumele ukuhlulwa ubhuti wakho uHakainde Hachilema ukuze inqubo yokuthi ubeke phansi izintambo zesizwe kuzoqala, kusho uCharles Melupi omele amaqembu ayishumi.

Izingxoxo zikaLungu zisafihliwe futhi azikakaqinisekiswa. Emehlweni abantu lo mholi oneminyaka engama-65 ubelokhu engawenzi kahle umsebenzi wakhe.

Uthe imiphumela ayinabo ubulungiswa kwizifundazwe ezintathu esho kwisitatimende ngoMgqibelo.

UHichilema oneminyaka engama-59 ongumholi weqembu elibizwa ngokuthi i-National Development bese beqalile bebungaza.

Bayizigidi ezi-17 abantu abahlala e-Zambia, kodwa bayizigidi ezi-7 ababhalisele ukuvota.

Ngokuya kwemiphumela ekhishwe ikhomishini yase-Zambia ithi uHichilema uhamba phambili ngamavoti ayizigidi ezi-1,024,212 ekubeni uLungu uyalandela ngamavoti ayizi-562,523.

Ukuvotwa bekuphazanyiswa ababhikishi abanodlame okuphoqe uhulumeni ukuthi afake amasosha.

Ngaphakathi kube nezinsongo ezinodlame, kodwa uHichilema ukwazile ukukhuluma nabalandeli kwizinkundla zokuxhumana ukuba behlise imimoya.

Njengoba ukunqoba sekusemehlweni ngithanda ukucela amalungu nabalandeli ukuba behlise imimoya.

Sivotela ushintsho olungcono ukuze i-Zambia ikhululeke kungahlukumezeki muntu futhu kungabikhona ukucindezelana. Asibeni ushintsho esilivotelayo siqhakambise umoya wobuntu.

Imiphumela ephelele esemthethweni ilindeleke ukuba ikhishwe uma kuphela lelisonto.

Umthombo wesithombe: @Mwebantu

Izihloko zakamuva