Ululama ngokushesha owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana ngemuva kokudutshulwa

Menzi Magubane

Owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana, u-Alfred Maimane Phiri, kulindeleke ukuthi aphume noma yinini esibhedlela ngemuva kokululama ngokushesha.

UPhiri uye walimala ngemuva kokudutshulwa kabili endaweni yakhe yokucima ukoma e-Alexandra ngoLwesine olwedlule. Kubikwa ukuthi umsolwa udubule esinye isisulu sashona ngaphambi kokuthi azidubule.

Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa obehlomile ujahe intombi yakhe waze wayongena nayo endaweni yokucima ukoma. UPhiri, obehlezi nabaxhasi uye wadutshulwa ngesikhathi ezama ukungenelela.

Lo mdlali oneminyaka engu-47 ubudala wayaziwa njengeqhawe leBafana Bafana maphakathi nenkundla. Ngesikhathi iBafana iqala umkhankaso weNdebe Yomhlaba wonke ye-FIFA ngo-1998 e-France, uPhiri waba ngumdlali wokuqala weBafana ukuthola ikhadi elibomvu.

UPhiri wangena njengabamba enkundleni ngesikhathi iBafana idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Denmark, kodwa wadlala imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi akhishwe. Wayekhala izinyembezi ngenkathi esebuyela egumbini lokushintsha.

Ngesikhathi edlala esigabeni esiphezulu uPhiri udlale imidlalo engaphezu kwengu-300 kwiJomo Cosmos, kwiMoroka Swallows nakwi-Ajax Cape Town engasekho. Uke wadlala nase-Turkey lapho ayedlala khona kwi-Genclerbirligi waze wasula ebholeni ngo-2008 ngemuva kokudlalela iqembu lesizwe amahlandla angu-13.

UPhiri ube ngumdlali wokuqala ukusungula imidlalo yebhola yaminyaka yonke e-Alexandra lapho ayedlala khona nabadlali bakudala nabamanje abakhokhelwayo. Le midlalo ebizwa ngokuthi iMaimane Alfred Phiri (Amamephu) isithole udumo e-Alexandra naseNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe:@facebook

Izihloko zakamuva