ULuke ngabe uyaziqhenya, kusho umqeqeshi weChiefs ngemuva kokuhlulwa iChippa

Ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ihlulwe ngamagoli amabili eqandeni iChippa United uCalvin Johnson, ongumqeqeshi wesikhashana waMakhosi, uthe nakuba bephoxekile umphumela umzamo weqembu ubufanele ukuhlonipha uzakwabo ongasekho uLuke Fleurs.

UFleurs udutshulwe wabulawa ngesikhathi kudunwa imoto yakhe eGoli ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo obuse-East London wokuhlungela iDStv Premiership, iChiefs ithwale kanzima yaze yalala endaweni yesishiyagalombili.

UJohnson uvule isifuba ngokuphazamiseka kwemizwa iqenjini njengoba libhekene nokushona kukaFleurs obekungalindelekile ngesonto eledlule.

“Bebelokhu bephatheke kabi kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule,” etshela abezindaba.

“Kungenxa yokuthi ngomzuzwana owodwa uthola ukuthi omunye wabadlali bakho, omunye wezingane zami, akasekho futhi ngomzuzu olandelayo kufanele uthumele amazwi enduduzo emndenini wabo,” esho, kubika i-FarPost.

Uthe amalungu eqembu achithe isikhathi nomndeni wakwaFleurs ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi baye e-East London.

“Futhi ngomzuzu olandelayo kumele uxoxe neqembu ukuzwa ukuthi bazizwa kanjani nendlela ababesondelene ngayo noLuke,” usho kanje.

“Kodwa abadlali bebebukeka sengathi badlulile kulokho. Angisona isazi sokusebenza kwengqondo. Ngokombono webhola ngingasho nje ukuthi ukusebenza kwanamuhla kanye nomzamo yilokho uLuke abengakuthanda. “

Ukuhlulwa kweChiefs yiChippa United kwenzeke ngenxa yokugeja amathuba kanye nokuhluleka ukuvikela ipali, uJohnson ukugxekile ukungakwazi kweqembu ukusebenzisa amathuba phambi kwepali nokuhluleka kwalo ukuvikela ipali okuholele ekutheni kungene amagoli.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: IKaizer Chiefs ngesikhathi ihlulwa yiChippa United.

Izihloko zakamuva